Impilo Yabantu Ezezimoto

‘Kuzonyuka ukuthengwa kwezimoto?’

Fanelesibonge Bengu|Published

IFord Ranger yiyona moto eyisekeni edayise kakhulu ngoJuni, ngokusho kwe-AutoTrader

Kusalokhu kushaye ngonyawo lonwabu ukuthengwa kwezimoto ezingamasekeni, okwenza ukuthi abakule mboni bangakwazi ukuqagula ukuthi ikusasa liphetheni. Usho kanje oyisikhulu esiphezulu kwa-AutoTrader, uGeorge Mienie.

“Izimoto ezingamasekeni ezidayise ngoJuni zibe ngu-27 750 ngentengo engu-R11.3 billion. Yize izibalo zenyuke kancane uma kuqhathaniswa noMeyi kodwa lo 21 ezenyuke ngawo awenzanga mehluko ngokwamaphesenti,” kusho uMienie.

Uthe ngoJuni isilinganiso semali abathengi abayikhokhile bethenga izimoto ezingamasekeni singu-R407 655 ezineminyaka emihlanu futhi ezihambe ibanga elilinganiselwa ku-73 936km.

Uthe njengokujwayelekile, iToyota yiyo ezihole phambili idayisa izimoto ezingaphezu kuka-4 600. I-Volkswagen ilandele endaweni yesibili ngezingu-4 039 bese kuba yi-Ford ngo-2 898.

Izimoto ezakhiwe kuleli kube yizo ezithengwe kakhulu.

Kuqale iFord Ranger okuthengwe angu-1 570 idlula iToyota Hilux okudayiswe angu-1 289. Ama-VW Polo adayisiwe abe ngu-1 254 nokuyenze yaba sendaweni yesithathu.

UMienie uthe umbuzo omkhulu osele manje wukuthi ukwehla kwentengo kaphethroli, ukwamukelwa kukahulumeni wobumbano, ukwehla okulindelekile kwemalimboleko kuzokwenyusa yini ukuthengwa kwezimoto?