Impilo Yabantu Ezezimoto

Injabulo u-Edna etheleka eKapa

Fanelesibonge Bengu|Published

Abangani abathathu abasuka eLondon ngoMashi ngemoto bagcine befikile eKapa Isithombe: Instagram

Bagcine befikile eKapa abangani abathathu asebezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngama-video akhombisa uhambo lwabo ngeToyota Hilux besuka eLondon belibangise kuleli dolobha.

Laba bangani abangodokotela, ngoKaren, James noSpence. Bahlale benekela abantu ku-Instagram naku-TikTok ukuthi uhambo lwabo luqhubeka kanjani.

IHilux yabo bayethe ukuthi ngu-Edna.

Laba abaqala uhambo ngoMashi 13, bebegudla emazweni ahlukene ase-Afrika lapho abebefike bechaze khona ngazo zonke izimo ababhekana nazo.

U-Edna uthwele yonke imithwalo yabo kuhlanganisa nokokuqwala njengoba bebuye balale emahlathini.

Kwamanye amazwe abafika kuwo sebefike balaliswe mahhala emahhotela.

U-Edna ngesikhathi enqamuke ishesi Isithombe: Instagram

Kusuka uhambo luqalile, u-Edna ubhekane nobunzima ngengoba eke wacishe wanqamuka ushesi kwadingeka ukuthi ashiselwe kokunye kwacima i-aircon yangawukhipha umoya obandayo.

Emasontweni adlule u-Edna unqamuke phakathi babhala ezinkundleni ukuthi bacela usizo.

IToyota South Africa Motors iphakamise ukubathumelela iGR Hilux III kodwa bayibonga bathi ngeke bakwazi ukulaxaza u-Edna.

Bagcina bekwazile ukumlungisa baqhubeka nohambo njengoba sebefikile nje.

Babhale ekhasini labo lika-Instagram ukuthi bayabonga ngokwesekwa nangothando ohambeni lwabo.

“Sikubheke ngabombu ukubona iNingizimu Afrika futhi sesijahe kabi ukuthi nibone ukuthi siphezu kwani,” kusho bona.

Abantu bakhombise ukubajabulela ezinkundleni zokuxhumana.