Impilo Yabantu Ezezimoto

Igcine ikhishiwe intengo yeMercedes-AMG C63 S E Performance

Intatheli Yazezimoto|Published

IMOTO: Mercedes-AMG C 63 S E PERFORMANCE

Ngemuva kweminyaka emibili yavela okokuqala iMercedes-AMG C 63 S E Performance emhlabeni jikelele, isigcine yethuliwe eNingizimu Afrika.

Empeleni yakhiwa khona kuleli efemini yale nkampani ese-East London.

Ngokwezibalo ze-naamsa zokudayiswa kwezimoto ngoMeyi, iMercedes iyona ekhiqize yadayisa kakhulu ngaphandle kwakuleli njengoba kuhambe ezingu-7 500.

Ushintsho olukhulu kwiC 63 S E Performance wukuqedwa kwenjini eyiV8.

Kunalokho kufakwe engu-2.0l turbo eyi-four-cylinder. Ihambisana nenjini yebhethri ngemuva okuthi uma kuhlanganisiwe kukhafule amandla angu-500kW netorque engu-1 020Nm.

Idonsa ngawo womane amasondo futhi bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-3.4. Ijubane ligcina ku-280 km/h. Ugearbox uyi-9 speed ozishintshayo.

Abakuqhakambisa kakhulu kwaMercedes wukuthi bathathe ubuchwepheshe bezimoto zeFormula 1 babufaka lapha.

Ibhethri lingu-6.1 kWh akulona elokuthi ihambe ibanga elide ingasebenzi injini kaphethroli ngoba uma ligcwele lihamba u-13km kuphela. Kunalokho elokuthi imoto ikhafule amandla ngokushesha. Uyayishaja ezindaweni zokushaja izimoto noma kwakho.

Le C 63 S entsha inamadrive modes ayisishiyagalombili okuyi-"Electric", "Comfort", "Battery Hold", "Sport", "Sport+", "RACE", "Slippery" ne "Individual". Ashintsha indlela isiteringi esizwakalayo ngayo, indlela eshintsha ngayo amagiya nesuspension.

Bathe ukuze idume njenge “AMG”, umsindo uphuma ezipikheni ngaphambili nangemuva futhi nangaphakathi ukuduma kuzwakala ezipikheni.

Intengo:

C63 S E Performance - R2 476 800

Ifika ne-warranty yeminyaka emibili ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.