Impilo Yabantu Ezezimoto

Zinkani zababili phakathi kweVW neSuzuki

Fanelesibonge Bengu|Published

Ibuyele endaweni yesibili ngokuba yinkampani edayisa kakhulu eNingizimu Afrika iVolkswagen Group Africa ebese yedlulwa yiSuzuki Auto South Africa.

Ngokwezibalo zokudayisa kwezimoto ezintsha ezikhishwa yi-naamsa, iSuzuki yagudluza iVolkswagen (ehlanganisa iVW ne-Audi) ngo-Ephreli. ISuzuki yadayisa izimoto ezingu-4 891 kwalandela iVolkswagen ngo-4 785.

Ngokwezibalo zangoMeyi iVolkswagen idayise izimoto ezingu-4 939 kwathi iSuzuki yadayisa ezingu-4 101.

Endaweni yokuqala iToyota iyaqhubeka nokuzihambela yodwa njengoba idayise ezingu-8 795.

Sezizonke izimoto ezintsha ezidayise kuleli ngoMeyi zingu-37 105. I-naamsa ithe lesi yisibalo esehle ngo-6 137 noma u-14.2% uma kuqhathaniswa no-43 242 owadayiswa ngoMeyi 2023.

Izimoto ezidayise ngaphandle zona zibe ngu-24 235. Lokhu kukhombisa ukwehla ngo-5 712 noma u-19.1% uma kuqhathaniswa nezingu-29 947 ezahamba ngesikhathi esifanayo nyakenye.

Ngo-Ephreli imboni ibijabulela ukunyuka kwezibalo uma kuqhathaniswa nowonyaka odlule nokube yinto yokuqala ezinyangeni eziyisishiyagalombili kulandelana ngoba bezilokhu zehla uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.

I-naamsa ithe uvalo lokhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe obelungoMeyi 29 lusheshe lwayiqeda leyo njabulo ngoba kungenzeka ukuthi kumise abantu ukuthi bathenge izinto ezinkulu njengemoto. Uthe okunye okube nomthelela yiholidi.

Ithe okuhle kodwa wukuthi ukucinywa kukagesi okuhleliwe kuyaqhubeka nokungenziwa, intengo kawoyela iphansi nokuyinto esiza imboni yezokukhiqiza.

Nalu uhla lwezinkampani ezidayise kakhulu kuleli ngoMeyi:

Toyota – 8 795

Volkswagen Group – 4 939

Suzuki Auto – 4 101

Ford Motor Company – 2 860

Hyundai Auto South Africa – 2 185

Isuzu Motors South Africa – 1 626

Chery Auto South Africa – 1 609

Nissan – 1 552

GWM SA – 1 205

Renault – 1 110

BMW Group – 1 068

Kia South Africa – 1 003

Mahindra – 941

Stellantis – 515

Mercedes-Benz SA – 478