Impilo Yabantu Ezezimoto

Banqabe iToyota Hilux GR-S III abebenikwa yona abahamba ngo-Edna

Fanelesibonge Bengu|Published

Abangani abathathu uJames, Karen noSpence nemoto yabo u-Edna Isithombe: Instagram

Basibongile isiphakamiso sakwaToyota South Africa Motors (Tsam) sokunikwa imoto entsha ngemuva kokufelwa ngeyabo abangani abathathu abasohambeni olusuka eLondon belibangise eKapa.

Laba bangani okungoKaren, James noSpence sebechithe izinsuku ezingaphezu kuka-50 benqamula emazweni ase-Afrika ngemoto yabo iToyota Hilux abayethe ngokuthi wu-Edna.

Sebephenduke izilomo njengoba konke okwenzeka ohambeni lwabo bekunekela umhlaba ku-Instagram naku-TikTok.

U-Edna uthwele yonke imithwalo yabo kuhlanganisa nokokuqwala njengoba bebuye balale emahlathini.

U-Edna unqamuke ishesi wahlukana phakathi Isithombe: Instagram

Kwamanye amazwe abafika kuwo sebefike balaliswe mahhala emahhotela.

NgeSonto bafake i-video ezinkundleni zokuxhumana becela usizo ngoba ngesikhathi sebenqamula eNigeria bebheke eCameroon, u-Edna uvele wanqamuka phakathi.

Yilapho kwaToyota kuleli bephakamise ukungenelela ngokubathumelela iHilux GR-S III eyethulwe ngesonto eledlule.

IToyota Hilux GR-S III kwaToyota abebefuna ukuyinika abangani abathathu Isithombe: Fanelesibonge Bengu

NgoLwesibili emini laba baphendulile bathi bayabonga ngosizo kodwa bafuna u-Edna afike eKapa futhi bazozama ngakho konke ukuthi alunge.

"Asikwazi ukulaxaza u-Edna. Ungumama wethu futhi uyingxenye yethu. Siqale lolu hambo naye futhi sihlose ukuqeda uhambo naye. Asikwazi ukumyekelela manje. Uyahluleka kodwa uzokwazi ukwenza lokhu," kubhala laba.