Impilo Yabantu Ezezimoto

I-Suzuki isidlula iVW eNingizimu Afrika

Fanelesibonge Bengu|Published

ISuzuki Auto South Africa igudluze iVolkswagen Group Africa ngokuba yinkampani yesibili ukudayisa kakhulu eNingizimu Afrika, ngokwezibalo ezikhishwe yi-Naamsa.

Izibalo zango-Ephreli zikhomba ukuthi iToyota South Africa Motors (Tsam) isaqengqeleza phambili ngokudayisa izimoto ezintsha njengoba kuthengwe ezingu-8 541.

Endaweni yesibili kube yiSuzuki ngo-4 891. IVolkswagen (ehlanganisa iVW ne-Audi) isisendaweni yesithathu ngo-4 785.

I-Naamsa ithe isibalo sezimoto ezintsha ezidayise ngo-Ephreli sinyukile uma kuqhathaniswa nale nyanga nyakenye.

Lokhu ngokokuqala ezinyangeni eziyisishiyagalombili kulandelana ngoba izibalo bezehla uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

Zibe ngu-38 172 izimoto ezidayisiwe nokuyisibalo esinyuke ngo-814 noma u-2.2% uma kuqhathaniswa no-37 358 owadayiswa ngo-Ephreli 2023.

Isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle sehle ngo-7 355 noma u-23.9%. Zibe ngu-23 394 ekubeni ngo-Ephreli wonyaka odlule zazingu-30 749.

Isikhulu se-Naamsa, uMikel Mabasa sithe u-2024 wunyaka obalulekile ngoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-100 kusuka yaqala ukwakha izimoto.

Uthe izomemezela ukuthi lokhu kuzogujwa kanjani ngokuhamba kwenyanga.

Nalu uhla lwezinkampani ezidayise kakhulu kuleli ngo-Ephreli:

Toyota – 8 541

Suzuki Auto – 4 891

Volkswagen Group – 4 758

Ford Motor Company – 2 614

Hyundai Auto South Africa – 2 134

Chery Auto South Africa – 2 009

Isuzu Motors South Africa – 1 540

GWM SA – 1 493

Nissan – 1 443

Renault – 1 307

BMW Group – 1 231

Kia South Africa – 1 003

Mahindra – 893

Mercedes-Benz SA – 562

Stellantis - 437