Impilo Yabantu Ezezimoto

Ubudlelwano beSuzuki neToyota sebuzale i-Urban Cruiser Taisor

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Toyota Urban Cruiser Taisor esiyethulwe e-India

IMOTO: TOYOTA URBAN CRUISER TAISOR

Ubudlelwano beToyota neSuzuki sebuphinde bazala enye imoto kulandela ukuthi iToyota yethule i-Urban Cruiser Taisor esuselwe kwiSuzuki Fronx.

Sekuwumlando ukuthi lezi zinkampani ziyasebenzisana njengoba ziningi izimoto eseziqhamuke ngokubambisana kwazo.

Phakathi kwazo yiToyota Vitz esuselwe kwiSuzuki Celerio, Toyota Startlet esuselwe kwiSuzuki Baleno nezinye.

I-Urban Cruiser Taisor yiSUV encane ezishaya sa-coupe.

Ngokwemininingwane eshicilelwe kwaToyota e-India lapho eyethulwe khona ngoLwesithathu, ifika nezinjini ezahlukene kabili.

Kukhona i-1.2 litre kaphethroli enamandla angu-66kW netorque engu-113Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual okanye i-5 speed AMT.

Enye injini ingu-1.0 litre turbo Boosterjet enamandla angu-73.6kW netorque engu-147Nm. U-gearbox uyi-6 speed auto.

ENingizimu Afrika iFronx ifika nenjini engu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-77kW netorque engu-138Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual noma i-4 speed auto.

I-Urban Cruiser Taiser inamarimu angu-16 inch futhi ezinye izinhlobo zinalambu angamaLED.

Ngaphakathi kuya ngenhlobo yakho kodwa kukhona iHead-Up Display futhi ku-infotainment system uyakwazi ukubona lonke ingaphandle ngamakhamera.

I-screen se-infotainment singu-7 noma u-9 inch futhi ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto.

KwaToyota eNingizimu Afrika bakuqinisekisile ukuthi izodayiswa kuleli. Bathi bazoyidayisa ngegama elihlukile futhi imininingwane izodalulwa uma isizokwethulwa.