Impilo Yabantu Ezezimoto

Inkampani yaseChina iLDV izokwethula amaveni ayo kuleli

Fanelesibonge Bengu|Published

I-LDV T60 double cab

Izinkampani zezimoto zaseChina ziyaqhubeka nokungenisa eNingizimu Afrika njengoba iLDV isimemezele ukuthi izokwethula izimoto zayo.

I-LDV yinkampani eyasungulwa e-United Kingdom ngo-1896 nokuthe ngo-2010 yathathwa ngokugcwele yinkampani yaseChina, iSAIC Motor Corporation Limited.

I-Saic iphinde ibe ngabanikazi beMaxus esivele ikhona kuleli ngezimoto zikagesi zokuthutha impahla neveni i-T90EV.

I-LDV ithe igaraji layo lokuqala eliseSandton, eGoli seliphothuliwe ukwakhiwa futhi kubhekwa namanye ezweni jikelele.

Izoqala ukudayisa ngeveni eyi-T60 eyi-double cab. E-Australia kuvela ukuthi leli veni linenjini engu-2.0 bi-turbo kadizili enamandla angu-160kW ne-torque engu-500Nm.

Kukhona u-gearbox oyi-6 speed manual kanjalo noyiZF 8-speed automatic futhi zonke zingama-4x4.

ENingizimu Afrika kuthiwa izodayisa kusuka ngoMeyi ifike ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km kanjalo ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.

Ezinye izimoto ezidayiswa yiLDV kubalwa yiSUV elayisha abagibeli abayisikhombisa iD90, iMifa People Mover okuyi-multi-purpose vehicle, ezothutha impahla nezinye.