Impilo Yabantu Ezezimoto

Iyabukeka futhi ifakwe okuningi i-Isuzu X-Rider entsha

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Isuzu X-Rider ihluke nge-grille emnyama ecwebezelayo, amarimu angu-18 inch nokunye Isithombe: Malusi Msomi

IMOTO: ISUZU X-RIDER

NGEMUVA kweminyaka emithathu kwethulwa i-Isuzu D-Max entsha eNingizimu Afrika, isilanyaniswe ngeX-Rider eyafika ngedumela.

ID-Max ekhona njengamanje yinhlobo yesikhombisa futhi yakhiwa efemini yakwa-Isuzu Motors South Africa eGqeberha.

Nayo iX-Rider yakhiwa kuyo le femu futhi isuselwe kwiD-Max LS engena ngaphansi kweLSE neV-Cross.

Ngaphambi kokungena kuyo, angikukhumbuze ukuthi iX-Rider iqale ukuba khona ngo-2016. Ngaleso sikhathi yayethulwe njengeyekhethelo kodwa isasasa elakhonjiswa amakhasimende laphoqa ukuthi kwa-Isuzu bayenze ibe yimoto ekhona ngokugcwele ohlwini lwamaD-Max.

Njengoba isuselwe kwiLS nje, abakwenzile wukuyishuna nokwengeza izinto okumele uthasisele imali uma uzifuna kwiLS.

Ngaphambili igrille imnyama futhi iyacwebezela. Iphinde ibe namaLED headlights, daytime running lights nama-fog lights ezansi.

Ezinhlangothini amarimu awawona u-17 inch kodwa angu-18 inch kuthi ngemuva igama layo libe mnyama.

Ngemuva kune-towbar edonsa isisindo esingu-2100kg.

Isikhenke sinekhava enguseyili futhi ngaphakathi kungaba kuhle wengeze irabha ukuze ingaklwebheki.

Okuphinde kwengeze ubuhle bayo yimibala ehlukuile okungomhlophe, osiliva, obomvu no-grey.

Yize amasondo emakhudlwana kodwa i-ground clearance isangu-227mm hhayi u-232mm njengamanye ama-D-Max anamarimu angu-18 inch.

Ngaphakathi ikunika umuzwa weSport Utility Vehicle njengoba ukhangwa yizihlalo zesikhumba eziqoshwe u-X ezingahlelwa ngogesi. Kukhona nomhlobiso obhalwe u-X kwi-dashboard. Kuphinde kube ne-touchscreen infotainment system engu-7 inch odlala khona umsakazo, ubona ingemuva uma uhlehla futhi uxhume iselula ngeBluetooth okanye i-Apple CarPlay.

Ngaphansi kwebhonethi bafake injini eyongayo kadizili engu-1.9 litre. Ethangini elingu-76 litres bathi idla 7.4l/100km. Yiyo le njini ekwiD-Max eyathatha uhambo isuka eGoli ilibhekise eKapa ngethangi elilodwa.

Inamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm. Kukhona eno-gearbox oyi-6 speed manual noyi-6 speed auto.

Ngesikhathi siyishayela eGeorge, eWesten Cape, lapho beyethulwa khona amandla ebezwakala enele. Ngithe ngijeqeza udizili yangivezela ukuthi ngingahamba ibanga elingaphezu kuka-800 ngethangi.

Ngihambe ngezishintshayo futhi amagiya ibiwafaka kahle ngaphandle kwenkinga. Yize imigwaqo ebesihamba kuyo ibingemibi kodwa uma ubuye uhambe ogwadule ikhona eyi-4x4. Zombili i-4x2 ne-4x4 zine-diff lock.

Ezokupheha zihlanganisa ukuthi ingahlehli uma isuka, cruise control, ama-airbag ngaphakathi, ama-sensor ngemuva nokunye.

Intengo:

Isuzu 1.9 X-Rider - R640 500

Isuzu 1.9 X-Rider A/T - R659 200

Isuzu 1.9 X-Rider 4x4 A/T - R740 700

Zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.