Impilo Yabantu Ezezimoto

I-VW isengcupheni yokugudluzwa yiSuzuki

Fanelesibonge Bengu|Published

ISuzuki Swift

Iyaqhubeka nokusondela endaweni yesibili ezinkampanini ezidayisa kakhulu eNingizimu Afrika, iSuzuki Auto South Africa, ephinde yadayisa inqwaba yezimoto ngoFebhuwari.

Sekuyiminyaka endaweni yokuqala kuhleli iToyota South Africa Motors (Tsam) bese endaweni yesibili kuba yiVolkswagen Group Africa (ehlanganisa iVW ne-Audi).

Nangenyanga edlule kube ngesifanayo, ngokwezibalo ze-naamsa, iTsam idayisa izimoto ezingu-11 524. I-VW yona idayise ezingu-5 333. ISuzuki idayise ezingu-5 221 nokwenze umehlo waba ngu-112. NgoJanuwari lezi zinkampani zazihlukaniswe yizimoto ezingu-287.

Imenenja yezokudayisa nokumaketha kwaSuzuki, uHenno Havenga, ithe izimoto abazidayise ngoFebhuwari zishode ngezintathu ukuze zilingane nerekhodi labo.

“Sizoqhubeka nokuthuthukisa esikunikeza amakhasimende esigabeni sezimoto ezibiza kahle. Siyazi ukuthi imoto ebiza kahle akuyona enentengo ephansi kodwa yileyo okubiza kancane ukuyinakekela futhi edla kancane nakuphethroli,” kusho uHavenga.

Ngokwe-naamsa, ukudayisa kwezimoto kuqhubekile nokwehla ngoFebhuwari. Zibe ngu-44 749 izimoto ezithengiwe nokuyisibalo esehle ngo-413 noma u-0.9% uma kuqhathaniswa no-45 162 owathengwa ngoFebhuwari nyakenye.

Isibalo sezidayise ngaphandle kwakuleli sinyuke ngo-8 526 noma u-27.5%. Zibe ngu-39 517 ekubeni ngesikhathi esifanayo nyakenye zazingu-30 991.

ULebo Gaoaketse oyinhloko yezokumaketha nokuxhumana kwaWesBank uthe isibalo sezimoto ezidayisiwe sinyuke ngo-3 113 uma kuqhathaniswa noJanuwari nokuyinto ebuyisa ithemba embonini elokhu yehla izinyanga eziyisikhombisa zilandelana.

“Isibalo sezimoto ezidayise ngoFebhuwari yiso esehle kancane uma ubheka lokhu kwehla okwenzseke kulezi zinyanga eziyisikhombisa zilandelana,” kusho uGaoaketse.

USihlalo weNational Automobile Dealers' Association, uBrandon Cohen, uthe yize kube nenzingqinamba isibalo sezimoto ezincane ezidayisiwe sehle nngo-3.1% kukhona okuhle okwenzekile.

“Ama-light commercial vehicle anyuke ngo-2.5%. Isigaba samaloli amakhulu sinyuke ngo-14% uma kubhekwa izinyanga ezedlule. Amagararji adayise izimoto ezingu-37 913 okukhombisa ukuthi amakhasimende asazilangazelele izimoto nokwesekwa yimihlomulo yamagaraji,” kusho uCohen.

Uthe baqaphela ukuthi amakhasimende ayehlisa ezimotweni ahamba ngazo futhi enza ucwaningo olunzulu ngentengo nezindlela zokuthatha isikweletu.

“Abanatu baseNingizimu Afrika sebebheka izimoto ezingabizi kakhulu ngenxa yesimo somnotho, inzalo yemalimboleko ephezulu nentengo kaphethroli enyukayo.”

Nazi izinkampani ezidayise kakhulu:

Toyota - 11 524

VW Group - 5 333

Suzuki Auto - 5 221

Nissan - 2 739

Ford Motor Company - 2 732

Hyundai Automotive South Africa - 2 512

Isuzu Motors South Africa - 2 101

Haval Motors SA - 1 656

Chery Auto SA - 1 504

Renault - 1 316

BMW Group - 1 194

Kia South Africa - 1 157

Mahindra - 1 058

Mercedes-Benz SA - 527

Faw Trucks - 431

Izimoto ezinhlanu ezidayise kakhulu:

Toyota Hilux - 3 100

Ford Ranger - 2 187

Toyota Corolla Cross - 1 959

VW Polo Vivo - 1 861

Isuzu D-Max - 1 740