Impilo Yabantu Ezezimoto

Icwebisa amehlo intengo yeVW Polo uma wengeza izinto

Fanelesibonge Bengu|Published

Uma uyigaxe isunroof iVW Polo kwengezeka ubuhle bayo Izithombe: Fanelesibonge Bengu

Imoto: Volkswagen Polo

KUNEZIMOTO ezingadinge kwethulwa ngoba kungaba yihlazo ukuzwa ukuthi kunabantu abangazazi.

Lapha ngikhuluma nge-Volkswagen Polo. I-Polo yiyona moto enedumela kule nkampani ngoba ithengwa ubuthaphuthaphu. Yaze yahlukaniswa kwenziwa ne-Polo Vivo ngenxa yakho belu ukuthandwa kwayo.

Okuhle futhi ngayo wukuthi yakhiwa khona lapha eNingizimu Afrika efemini yakwa-VW ese-Easern Cape.

IPolo ekhona njengamanje iqale ukudayiswa ngo-2018 kodwa kwase kufika isikhathi sokuthi ithuthukiswe.

Yikho lokhu kuthuthukiswa okunomthelela wokuthi ilokhu iqhubeka nokubalwa nezimoto ezidayisa kakhulu zinyanga zonke kuleli .

Ukuhamba ngayo kukwenza uqonde ukuthi kungani abantu beyithanda ngoba kuningi okuthandeka ngayo.

Ngaphambili ifika ikhanyisa ngama-LED headlights kodwa uyakwazi ukufaka ama-Matrix LED headlights, okuyinto ebesiyigcina ezimotweni zikanokusho.

La malambu ungathi ayadansa ebusuku eselokhu ezicisha ukuze engaxhophi abanye abashayeli abuye azikhanyise kakhulu. Kuphinde kube neligudla kwi-grille ilambu.

Nangemuva futhi amalambu angama-LED.

Lokhu kungezinye zezinto ozifaka ngokwengeza imali kanjalo namarimu angu-16 inch njengoba yona ifika nangu-15 inch.

Enye into ethandwa kuma-Polo yi-sunroof okuyinto abebeyifakile kwebesihamba ngayo.

Uma uyivulile ukukhanya kungena ulibone kahle ingaphakathi.

Ngiyakuthanda ukuthi yize kune-touchscreen infotainment system lapho wenza khona izinto kodwa amabhathini asekhona. Inkinobho yokunyusa umsindo ikhona kanjalo neze-aircon.

Emotweni iTaigo kune-touchscreen infotainment system bese kuthi ngezansi kube nokusa-screen futhi okuyilapho uhlela khona amazinga okushisa.

Kuhle kodwa ukungcola kuyagqama uma ulokhu uthinta ngeminwe, okuyingakho ngincamela okwe-Polo (okuwumhlobo mdi).

Nasesiteringini futhi kunamabhathini enza kube lula bese ubhekana ne-digital instrument cluster njengomshayeli.

Ezinye izinto enazo ngama-sensor asiza uma upaka kanjalo nokuthi izipake, izimbobo zokushaja nge-USB ngemuva nangaphambili, amawindi kagesi nokunye.

Isikhala ngaphakathi sanele uma ungumuntu osemusha, noma ongenawo umndeni omkhulu.

Injini ehamba ngayo i-three cylinder engu-1.0 TSI enamandla angu-70kW ne-gearbox eyi-5 speed manual.

Kulula ukuyishayela ngoba amagiya angena kalula futhi amandla angangayo. Uyizwa ihamba ukuthi uma niphathene kahle, ungahlala isikhathi ungayilamanisi noma uyishintshe.

Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.1 ngo-100km.

I-Polo yimoto ethandwa kufanele ngoba ayinazo izinto ezingakudida ngayo futhi ihamba kahle emgwaqweni. Uma usuqala wengeza izinto yilapho abanye abangacweba amehlo khona ngoba intengo izothi ukunyuka.

Intengo:

VW Polo Life – R391 100

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km