Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuphinde kwehla ukuthengwa kwezimoto ezintsha

Fanelesibonge Bengu|Published

ITOYOTA Hilux iyaqhubeka nokudayisa kakhulu zinyanga zonke kuleli

KWEHLE inyanga yesithathu kulandelana ukuthengwa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngo-Okthoba ngokwezibalo ezikhishwe yi-naamsa.

I-naamsa ithe zibe ngu-45 445 izimoto ezidayisiwe nokuyisibalo esehle ngo-905 noma u-2.0% uma kuqhathaniswa no-46 350 owadayiswa ngo-Okthoba nyakenye.

Isiba-lo sezimoto ezikhiqizwe zase zidayiswa ngaphandle sinyuke ngo-11 411 noma u-39.5% Zibe ngu-40 302 kanti ngo-Okthoba nyakenye zazingu-28 891. Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye kwakunesiteleka kwaTransnet.

Izimoto ezincane ezidayisile zibe ngu-29 912 nokuyisibalo esehle ngo-1 068 noma u-3.5% uma kuqhathaniswa no-30 980 owadayiswa ngesikhathi esifanayo nyakenye.

Izimoto ezingamalight commercial vehicle, amaveni namatekisi zibe ngu-12 361 okuyisibalo esehle ngo-387 noma u-3.0% kwezingu-12 748 ezadayiswa ngo-Okthoba nyakenye.

Isibalo samaloli aphakathi nendawo sinyuke ngo-62 aba ngu-807 kwathi amakhulu namabhasi sanyuka ng0-448 saba ngu-2 365.

I-naamsa ithe ukunyuka kwezindleko zokuphila kuqhubekile nokuphazamisa ukuthengwa kwezimoto ezintsha.

Isikhulu sezokumaketha nokuxhumana kwaWesBank, uLebo Gaoaketse, sithe yize lokhu kungabukeka ngathi yinto embi kodwa selokhu kuqale unyaka zingu-446 877 izimoto ezidayisile. Uthe lesi yisibalo esikhulu ngo-2.1% uma kuqhathaniswa nasezinyangeni ezingu-10 zokuqala ngo-2022.

“Yizimoto ezingu-9 027 kunangonyaka odlule nokuyigxathu elihle ekutheni imakethe ibuyele esimeni.”

Uthe kubukeka ngathi imboni ibuyela ezibalweni zango-2019 ngaphambi kweCovid-19.

NgokweWesBank nazi izimoto ezidayise kakhulu ngo-Okthoba:

Toyota Hilux – 3 110

VW Polo Vivo – 2 280

Toyota Corolla Cross – 2 100

Ford Ranger – 1 853

Toyota Hiace – 1 496

Toyota Starlet – 1 363