Impilo Yabantu Ezezimoto

Kwehle inyanga yesibili kulandelana ukuthengwa kwezimoto

Fanelesibonge Bengu|Published

IVolkswgen Group SA ivale uSepthemba kuyiyo edayise izimoto eziningi ngaphandle kwakuleli futhi iPolo Vivo ibe yimoto encane edayise kakhulu eNingizimu Afrika

IZINKINGA ezahlukene ziholele ekutheni kuphinde kwehle ukuthengwa kwezimoto ngoSepthemba eNingizimu Afrika, nokube yinyanga yesibili kulandelana.

Izibalo ezikhishwe yi-naamsa ziveza ukuthi zibe ngu-46 021 izimoto ezidayiswe ngenyanga eyedlule nokuyisibalo esehle ngo-1 963 noma u-4.1% uma kuqhathaniswa no-47 984 owadayiswa ngoSepthemba nyakenye.

I-naamsa isole ukunyuka kwentengo kaphethroli, inkinga ekhona ekuthutheni impahla, ukucima kukagesi okwenziwa yi-Eskom njengezinye zezinto ezifaka ingcindezi kwezezimoto.

ULebo Gaoaketse owengamele ezokuxhumana kwaWesBank, uthe ungabazane ngempilo lubukeka lunomthelela ekutheni amakhasimende angathengi kodwa lokhu kumele kubhekisiwe kahle.

Uthe uSepthemba ube yiyona nyanga okwehle kakhulu ngayo ukudayiswa kwezimoto kusuka ngoDisemba 2021.

“Iqiniso ukuthi sekube yizinyanga ezimbili zilandelana ukuthi sehle isibalo futhi uSepthemba mkhulu kuno-Agasti nokusho ukuthi kumele kube nokukhathazeka. Okwenzekayo okukhathazayo hhayi izibalo,” kusho uLebo.

Uthe izibalo zangoSeothemba zinkulu ngo-294 kunezango-Agasti yize zehle kakhulu uma kubhekwa ngonyaka odlule. Uqhube wathi noma zikhombisa ukwehla kodwa ukudayiswa kwezimoto ezingu-46 000 kuyafana nokwakwenzeka ngo-2019.

I-naamsa ithe nesibalo sezimoto ezikhiqizwe kuleli zabe sezidayisa ngaphandle sehlile uma kuqhathaniswa noSepthemba nyakenye. Zibe ngu-36 247 nokuyisibalo esehle ngo-5 217 noma u-12.6% uma kuqhathaniswa no-41 464 owaphuma nyakenye.

Kuzona zonke izimoto ezidayisiwe, esezimoto ezincane yiso esehle kakhulu ngo-2 723 noma ngo-8.4% zaba ngu-29 669 ekubeni ngesikhathi esifanayo nyakenye kwakudayiswe ezingu-32 392.

Ukuthengwa kwezimoto ezingamaveni namatekisi kona kunyuke ngo-581 kwafika ku-13 169.

Amaloli aphakathi nendawo adayisiwe abe ngu-871 kwathi amakhulu aba ngu-2 356.

IToyota iqhubekile nokukhonya isonga inyanga njengenkampani edayise kakhulu. Kuthengwe izimoto zayo ezingu-12 704. Izimoto ezithengwe kakhulu yiToyota Hilux (3 249), VW Polo Vivo (2 698), Ford Ranger (2 413), Toyota Corolla Cross (2 259) ne-Isuzu D-Max (1 639).

IVolkswagen Group yona ngakolunye uhlangothi ibe nezimoto eziningi ezidayise ngaphandle zaba ngu-11 402.

Izinkampani ezidayise kakhulu kuleli yilezi:

Toyota – 12 704

Volkswagen Group SA – 6 316

Suzuki Auto – 4 478

Ford Motor Company – 2 807

Hyundai Automotive South Africa – 2 665

Nissan – 2 130

Isuzu Motors South Africa – 1 990

Kia South Africa – 1 703

Renault – 1 702

Haval Motors SA – 1 532

Chery Auto South Africa – 1 240

BMW Group – 1 037

Mahindra – 784

Mercedes-Benz SA – 692

Daimler Truck Southern Africa – 533

Ezidayise kakhulu ngaphandle yilezi:

Volkswagen Group SA – 11 402

BMW Group – 6 230

Toyota – 6 025

Mercedes-Benz SA – 5 905

Ford Motor Company – 5 536

Nissan - 452

Isuzu Motors South Africa - 433