Impilo Yabantu Ezezimoto

Budonse impelasonto ubumnandi koweMsinga Driftkhana

Intatheli Yazezimoto|Published

UMPETHA weRed Bull Shay’ iMoto uSam Sam, enza adume ngazo embukisweni wezimoto ezehlukene iMsinga Driftkhana, eMpelankani Izithombe :ZITHUNYELWE

ISONGWE ngeSonto ebusuku impelasonto yobumnandi, obuhambisana nombukiso wezimoto nokunye iMsinga Driftkhana, eMsinga naseGreytown.

IMsinga Driftkhana, ebugubha iminyaka engu-12 yasungulwa, ibingoMgqibelo eMphelankani, eMsinga.

Bekukhangiswa ngezimoto ezinhlobonhlobo futhi kuboshelwe nomculo ohlukene nonyaka kanti bekukhona namaqembu abesifazane engoma.

ABESIFAZANE bebenandisa ngengoma embukisweni wezimoto iMsinga Driftkhana, eMpelankani

Kudidiyelwe amaqembu ahlukene abevela ezigodini ezahlukene eMsinga, futhi abenandisa uma kusahlatshwe ikhefu ekushaweni kwezidudla ngezimoto.

Kuphinde kwakhethwa namatekisi ahlanzekile futhi asesimeni esihle sokuhamba emgwaqweni. Ephume phambili ithole uR3 000 nendondo, elale isibili ithole uR2 000 nendondo kwathi ephume endaweni yesithathu yathola uR1 000 nendondo. Imiklomelo ibixhaswe yigaraji iKhonzinkosi Shell khona eMsinga.

USMANGA Mabaso, umsunguli weMsinga Driftkhana, ngesikhathi ephendula iBMW M4 Competition yakhe

Ngesikhathi sekudlala abashayeli uSam Sam, odabuka eMpumalanga, ukhombisile ukuthi kungani eyintandokazi kulo mdlalo njengoba ebenza ezibukwayo ngeGusheshe. Abanye abadonse amehlo yiToyota Cressida ebithwele imithwalo okhakhayini. Abanye ngo-Eddie Boy, Magesh nendodana yakhe uMagesh Jnr, Lefa nabanye. UDJ Maphorisa obesesikhangisweni ugcine engabonakalanga.

ENYE yezimoto ezidonse amehlo embukisweni wezimoto iMsinga Driftkhana, ngokushaya izidudla

Usuku lusongwe ngedili lomculo obekunandisa kulo uDJ Mngadi, BZ, KamaCCZA nabanye.

Impelasonto iqale endaweni yobumnandi eKoneni Lifestyle, ngephathi yokwendlalela umbukiso, yasongwa ngephikhinikhi eLake Merthley, eGreytown. Yize bekunenkungu, kumakhaza futhi nezulu likhemezela kodwa abantu bathelekile badansa etendeni ebelifakiwe. Bekunandisa uMondli Ngcobo, Dladla Mshunqisi, DJ BZ nabanye.

AMATEKISI amathathu akhethwe phambili ngobuhle, inhlanzeko nokuphepha

NgoMgqibelo, nangeSonto bekukhona uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, obujube odokotela namanesi ukuba bayoqapha isimo sezempilo emphakathini ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi, iSibhedlela kubantu.