Impilo Yabantu Ezezimoto

Ngeyabafuna ukonga i-Isuzu mu-X 1.9

Fanelesibonge Bengu|Published

IMOTO: ISUZU mu-X 1.9 LS 4x2

Selokhu yaqala ukwethulwa ngo-2018 i-Isuzu mu-X Sport Utility Vehicle (SUV) ayikaze itholakale enenye injini ngaphandle kwengu-3.0 turbo diesel.

Lokhu kushintshile njengoba sekwethulwe enenjini encane engu-1.9 litre. Yinjini efanayo naleyo ekwiveni iD-Max. Kuzokhumbuleka ukuthi kwa-Isuzu basanda kwenza umncintiswano wokusuka eGoli ngeD-Max engu-1.9 litre uyongena eKapa ungakaze wethe udizili ukuveza ukonga kwayo.

Nakule mu-X ukonga udizili ethangini elingu-80 litres ngezinye zezinto abazigqamisayo. Bathi ngo-100km idla amalitha angu-7 ekubeni engu-3.0 litre 4x2 idla angu-7.6 ngebanga elifanayo.

Lokhu, kanye nentengo ephansi uma uyiqhathanisa namanye ama mu-X, bathi kuzoheha amakhasimende. Ngaphambi kokufika kwayo imu-X ibiqala kuR800 000.

Injini inamandla angu-110kW netorque engu-350Nm. I-gearbox iyi-6 speed automatic. Ngiyishayelile kancane ngesikhathi yethulwa eThekwini. Uma uke wangena kwenenjini engu-3.0 litre uyezwa kule ukuthi injini incane. Ayinyusi amandla ngokushesha. Ihamba kamnandi nokho futhi intofontofo nasemgwaqeni. Idumela phansi ngoba ngo-120km/h ngibone amarev engaphansi kancane kuka-2000rpm.

Ukwethulwa kwayo kuzokwenza ikwazi ukuncintisana kahle neToyota Fortuner ngoba khona, ngaphandle kwenjini engu-2.8 kadizili, kuphinde kube nengu-2.4 litre.

Engikuthanda ngayo ukuthi iphinde ibe ne-diff lock ngemuva ukuze izokwazi nokuphuma ezindaweni ezishibilikayo.

Kuphinde kube ne-cruise control, Electronic Stability Control, Hill Start Assist, ama-airbag nokunye okuningi kwezokuphepha.

Injini yiwona kuphela umehluko ngoba indlela ebukeka ngayo ngaphandle nangaphakathi iyefana ne-mu-X LS ejwayelekile. Ikhanyisa ngamalambu angama-LED, inamarimu angu-18 inch nesipele bese uphinde ukwazi ngokuyithola ngombala omusha uNorwegian Blue engiqale ukuwubona kufika iLSE 4x4 muva nje.

Ngaphakathi ivulekile njengoba ilayisha abagibeli abayisikhombisa. Inezihlalo eziyisikhumba nezindawo zokubeka izinto. Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system engu-7 inch okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay nange-Android Auto.

Intengo:

1.9 LS 4x2 AT – R708 000

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu, i-warranty ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.