Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuphelele umndeni wethula i-Opel Grandland entsha

Fanelesibonge Bengu|Published

INGAPHAMBILI le-Opel Grandland, ikakhulukazi kwi-grille licishe lilande iMokka yakwabo Izithombe: FANELESIBONGE BENGU

IMOTO: OPEL GRANDLAND

UPHELELISIWE umndeni wamaSport Utility Vehicle (SUV) akwa-Opel ngokwethulwa kweGrandland entsha okuyiyona ehlala esicongweni sawo.

I-Grandland ingaphezu kweCrossland neMokka. Lokhu kuyenza ibange abathengi nezimoto okubalwa kuzo iVW T-Roc neTiguan, Toyota Rav4, Hyundai Tucson, Baic Beijing X55 nezinye.

Ifika ihlukene ngezinhlobo ezintathu, okuyiGrandland, ephakathi iGS Line nengumakhonya i-Ultimate.

Zonke zinenjini efanayo ebikhona kwiGrandland yaphambilini engu-1.6 litre turbo. Inamandla angu-121kW ne-torque engu-240Nm. Igearbox eyi-6 speed automatic.

Ngesikhathi yethulwa eGauteng emigwaqweni engenela naseNorth West, sithole ithuba lokuhamba nge-Ultimate. Iyimoto ehamba kahle emgwaqweni, ezamayo ukuthi amabhampu ningawazweli ngaphakathi. Empeleni akukho obekukhalisa ngendlela ehamba ngayo kodwa sinethemba lokuchitha isikhathi esithe xaxa nayo maduze.

Abe-Opel bathi ungalindela ukubona idla amalitha kaphethroli aphakathi kuka-5.3 no-7.0 ngo-100km, kuya ngendlela ohamba ngayo.

Kwezokuphepha bayifake ukuthi isho uma uzoshayisa ngaphambili futhi ibhreke, iyakusiza ukuhlala esemzileni, iyasho uma wezela, cruise control, inekhamera, iyasho uma kunemoto eseceleni nama-airbag.

Engikuthande ngayo wubukhulu bayo ngaphakathi. Ngaphandle ungayibona sengathi incane kodwa ngaphakathi ivulekile. Ibhuthi ingu-514 litres kanti uma ulalise izihlalo isikhala siyavuleka sibe ngu-1 652 litres.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa izihlalo ziyisikhumba, indwangu okanye i-alcantara. Inedigital instrument cluster ne-touchscreen infotainment system enenkombandlela.

Ngaphandle icishe ifane neMokka ngaphambili indlela eyakhiwe ngayo. Bayishintshe ubhampa ngaphambili nangemuva futhi amalambu angamaLED. Amarimu angu-17 no-18 inch. Imibala yayo ihlukene kahlanu, okukhona kuyo omhlophe, oluhlaza okwesibhakabhaka nobomvu.

Intengo:

Grandland 1.6T AT6 121kW - R599 900

Grandland GS Line 1.6T AT6 121kW - R679 900

Grandland Ultimate 1.6T AT6 121kW - R720 900

Ifika ne-warranty ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-100 000 km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.