IFord Everest Platinum iyagqama uma iqhamuka njengoba ine-grille namadaytime running lights amakhulu Izithombe: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: FORD EVEREST PLATINUM
IFord Everest entsha yethulwe ngasekupheleni konyaka odlule, izinga layo lenyuswe kakhulu kunasekuqaleni.
Abanye kungenzeka sebeke bayibona ihamba iqhawe labo likamaskandi.
Lokhu kufakazelwa nawukuthi ilale isibili emncintiswaneni i-2023 South African Car of the Year ilandela iFord Ranger esuselwe kuyo.
Uyibona iqhamuka nje ukuthi yi-Everest entsha ngoba ayifani nakancane nendala.
Ishaya ngengaphambili eline-grille enkulu eliphinde ligqanyiswe ngama-daytime running lights amise okukaC. Amalambu lawa, njengamanye kuyo yonke imoto ngaphandle nangaphakathi, angamaLED.
Abantu baphenduka nayo bayakuncoma uma uhamba ngayo njengoba iphinde igqanyiswe nangamarimu acwebezelayo amakhulu angu-21 inch.
Kuthe kuphela ugesi ngawabona ewusizo amalambu ngoba avele akhanye umzimba wonke ukuze uzobona ukuthi kukhonani eduze nayo uma usuzongena kuyo.
Kubalulekile ukuthi ubone ngoba iphakeme, igabade ilishiye ngo-226mm. Iyayedlula iToyota Land Cruiser Prado, kwaFord abathi sekuyiyona mbangi yayo hhayi iFortuner. IPrado ilishiya ngo-215mm.
Njengoba iphakeme nje izitebhizisi eziseceleni zigcina zingawona umhlobiso, kepha kumele uzisebenzise ukuze ugibele noma wehle kahle.
Ngale kwalokho uma uthi uzama ukunweba umlenze uyalimala ngoba kuvele kube kude phansi.
Uma ungena ngaphakathi ubingelelwa yizihlalo zesikhumba ezinezitishi ezinhle kusuka ngaphambili kuze kuyoshaya kwezangemuva njengoba ilayisha abagibeli abayisikhombisa.
Isikhumba siyabanda ebusika kodwa bekuba wukuthinta ibhathini bese izihlalo ziyashisa. Nezangemuva nazo abazikhohlwanga kulokhu njengakwiHyundai Palisade engingayifaka njengenye yezimbangi zayo.
Ivuleke kahle ngaphakathi kwazise ne-wheelbase ingu-2 900mm okuyenza ibe nkulu kunePrado yona engu-2 790mm.
Njengezimoto eziningi ezilayisha abagibeli abayisikhombisa, uma izihlalo zime zonke, isikhala sokulayisha impahla siba yimbijana. Kusiza uma uzilalisile nokuyinto engewona umzukuzuku ngoba kunamabhathini okwenza lokho.
Empeleni amabhathini ngaphakathi awamaningi ngisho nangaphambili ngoba okuningi ukwenza kwi-touchscreen infotainment system enkulu.
Ibhuku lokufunda ngemoto alisekho, ulifunda kuyo le-touchscreen, inkombandlela, iyakutshela uma udizili wehla ukuthi usengafika yini egaraji.
Udlala khona umsakazo (ngezipikha ezikhala kamnandi zeB&O), usetha khona amazinga okushisa, amakhamera angaphandle avela khona noma futhi ufuna ukusetha imoto ukwenza kuso lesi-screen.
Iphinde ibe ne-digital instrument cluster.
Okunye engikuthandayo wukuthi ine-sunroof eyenza kungene ukukhanya ngaphakathi, izindawo zokushaja ngaphambili nangemuva futhi iqinile yaphinde yathamba ezindaweni ezibalulekile.
Enye yezindawo ezithambe kahle yisesicabheni lapho ubheka khona indololwane uma ushayela.
Emgwaqeni intofontofo futhi ayinamsindo ngaphakathi. Ngibheke eMkhazane, oLundi, imigodi engavikeki ibingazweli kakhulu.
Inenjini engu-3.0 litre V6 turbodiesel. Inamandla angu-184kW netorque engu-600Nm. Ugearbox uyi-10 speed auto.
Amandla enza ukukhuphuka eNdundulu nokudlula ezinye izimoto kube wubala.
Ngithe ngijika ngingena obhuqwini nasesihlabathini sasemfuleni iMfolozi ngashintsha kuma-drive modes ukuze ngingabhajwa. Mancane amathuba okubhajwa ngoba ngaphandle kwama-drive modes, kuphinde kube negiya lasobhuqwini (4L, 4H, 4A) kanjalo nediff lock.
Kudizili igcine idla 11l/100km ethangini elingu-76.5 litres.
Uma ungawadingi la mandla ngibona kungcono ukuthi ubheke i-Everest Sport enenjini engu-2.0 bi-Turbo futhi edla kangcono.
Okunye engikuthanda ngayo wukuthi inenqwaba yezinsiza zomshayeli ezengeza ukuphepha njengokuthi ijike isiteringi ihlale emzileni, iyasho uma izoshayisa ngaphambili ibhreke nokunye okuningi.
Linyuswe kakhulu izinga kwiFord Everest Platinum ngokubukeka nangobuchwepheshe obuphakathi.
Intengo:
Everest Platinum 3.0L V6 AWD 10AT - R1,168,300
Ifika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iRoadside Assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.
Related Topics: