Impilo Yabantu Ezezimoto

I-Toyota Hilux ezimotweni ezidle ubhedu ngoJuni

Fanelesibonge Bengu|Published

IToyota Hilux idayise kakhulu okuzedlula zonke izimoto eNingizimu Afrika ngoJuni njengoba kuthengwe angu-3 792

INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe kwenzeke okungalindelekile ekuthengweni kwezimoto ezintsha ngoJuni njengoba ziya ngokunyuka izindleko zokuba nemoto.

INaamsa ithe izingqinamba ezibhekene nomnotho kanjalo nemboni yezimoto ezifana nenzalo yemali mboleko ephezulu nokuba buthaka beRandi kwenza abathengi bancishelwe yimali.

Zibe ngu-46 810 izimoto ezidayiswe ngoJuni nokuyisibalo esinyuke ngo-5 759 noma u-14.0% uma kuqhathaniswa no-41 052 owadayiswa ngoJuni nyakenye.

Isibalo sezimoto ezidayiselwe ngaphandle kwezwe sibe ngu-27 296. Lokhu kube wukwehla ngo-3 920 noma u-12.6% uma kuqhathaniswa no-31 216 owaphuma ngesikhathi esifanayo nyakenye.

INaamsa ithe isibalo sezimoto ezidayisiwe kulo hhafu wokuqala wonyaka singaphezulu ngo-12 284 noma u-4.8% uma kuqhathaniswa nohhafu wokuqala ngo-2022.

Ithe yize isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle sibe phansi uma kuqhathaniswa noJuni nyakenye kodwa kulindeleke ukuthi isibalo sinyuke njengoba kunezimoto ezintsha ezithuliwe.

Iphinde yashayela ihlombe iBMW Group SA ebigubha iminyaka engu-50 yavula ifemu yokukhiqiza ePitoli.

“Siyajabula ngokuthi iBMW Rosslyn plant itshala uR4.2 billion wokukhiqiza iX3 sport utilityvehicle entsha ehlanganisa neyi-plug-in hybrid electric vehicle. Okukhulu wukuthi imboni yethu yakwaBMW SA izoba yingxenye yezisabalalisa iX3 PHEV,” kusho isikhulu sakwaNaamsa, uMikel Mabasa.

IToyota Motors South Africa (Tsam) iyaqhubeka nokuqengqeleza yodwa njengenkampani edayisa kakhulu kuleli.

Idayise izimoto ezingu-13 016 nokube yisibalo esiphezulu selokhu kuqale unyaka.

IHilux kube yiyona edayise kakhulu njengoba kuthengwe angu-3 792 okube ngamaDouble Cab angu-1 886, amaSingle Cab angu-1 391 namaXtra cab angu-515.

Kulandela iCorolla Cross okuthengwe angu-2 115 neFortuner okudayiswe angu-1 639.

ULeon Theron oyisikhulu sokudayisa nokumaketha eTsam, uthe yize kunezingqinamba kodwa amakhasimende abo aqhubekile nokubeseka.

Nazi izimoto ezidayise kakhulu ngoJuni:

Toyota Hilux – 3 792

Toyota Corolla Cross – 2 115

Ford Ranger – 2 099

VW Polo Vivo – 1 967

Isuzu D-Max – 1 953

Nazi izinkampani ezidayise kakhulu:

Toyota – 13 016

VW Group SA – 5 578

Suzuki Auto – 4 335

Hyundai Automotive South Africa – 2 645

Ford Motor Company – 2 514

Nissan – 2 380

Isuzu Motors South Africa – 2 365

Renault – 1 836

Haval Motors SA – 1 749

Kia South Africa – 1 507

Chery Auto South Africa – 1 402

BMW Group – 1 246

Mahindra – 955

Mercedes-Benz SA – 824

Stellantis - 596