IMOTO: MERCEDES-BENZ GLC
KwaMercedes-Benz bathi babheke izinto abantu abazengezayo kumaGLC abo amadala base benquma ukuthi okuningi bakwenze kufike nentsha.
IGLC iqale ukudayisa ngo-2015 futhi bathi sekuthengwe angaphezu kuka-2.6 million emhlabeni jikelele nokukhombisa ukubaluleka kwayo kule nkampani.
Bathi izinto abantu abebejwayele ukuzikhetha bazengeze sezihlanganisiwe zaba ngamaqoqo ukuze kungathathi isikhathi ukulokhu ukhetha ngamancozuncozu.
IGLC ifika nengaphambili elishintshile kwendala eligqame ngegrille enkulu. Kuya ngenhlobo yakho kodwa amarimu aphakathi kuka-18 no-20 inch.
Ezithombeni ungathi incane kodwa uma ususondele eduze ibukeka inkulu.
Ithe ukuba yinde mbijana kunendala kodwa bayenza yaba mfishane. Ububanzi busafana.
Ubude bungene kakhulu ngemuva ngoba ibhuthi yiyo esinkulu ngo-70 litres yaba ngu-620 litre ekubeni endala yayingu-550 litres.
Ngaphakathi iqoqekile iwheelbase ingu-2,888 mm. Lokhu kuyenza ibe nkulu kancane kune neBMW X3 enebhuthi engu-550 litres newheelbase engu-2 864mm.
Nenye imbangi yayo, i-Audi Q5, incane njengoba inewheelbase engu-2 819mm.
Ushintsho olukhulu lungaphambili lapho kuqedwe khona amabhathini, kwafakwa itouchscreen infotainment system enkulu engu-11.9 inch. Yilapho owenza khona konke njengokuveza inkombandlela, ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ubone ingemuva uma uhlehla, uhlela amazinga okushisa emotweni nokunye. Iphinde ibe ibe nedigital instrument cluster engu-12.3 inch.
KwaMercedes-Benz izinto (options) ebezikhethwa ngabantu bezifaka kwiGLC endala seziphuma nentsha nokwenze kwancipha ongakufaka. IGLC ihlukene kathathu - 220 d 4MATIC, 300 d 4MATIC ne-300 4MATIC. Iqala ku R1,211,220 #MercedesBenzGLC @IsolezweNews pic.twitter.com/o5nw9Ybm6F
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) May 23, 2023
Ngiyizwe izwakala ishibhile kancane uma uyithinta kudashboard ngoba ngathi iwuplastiki. Ngale kwalokho ingaphakathi yindawo ebukeka kahle enezihlalo zesikhumba futhi uma uthanda ufaka ipanoramic sunroof.
Engingakuthandi wukuthi phakathi nendawo ngaphambili kwi-transmission tunnel yenza kungahlaleki ngokukhululeka uma ushayela ngoba indawo yokuphumuza unyawo lwesokunxele ayikho kahle.
Izinjini okhetha kuzo zintathu futhi zonke zingo-2.0 litre. Zisebenza nebhethri elingu-48-volts elisiza ukonga uphethroli. I-220 d 4MATIC inamandla angu-145kW netorque engu-440Nm. I-300 d 4MATIC inamandla angu-198kW netorque engu-550Nm. I-300 4MATIC yona inenjini kaphethroli enamandla angu-190kW netorque engu-400Nm.
Zonke zinogearbox oyi-9G-tronic futhi zidonsa ngawo wonke amasondo.
Isuspension bayithuthukisile ukuze izohamba kahle emgwaqeni futhi ithule ngaphakathi.
Uma uthanda ufaka i-air suspension ogcina uwezwe ngendaba amabhampu uma inayo.
Inezinto eziningi ezisiza umshayeli nokuphepha njengokuthi ibhreke uma kunesidingo, inamakhamera aveza umzimba wonke uma upaka. Iphinde ibe nekhamera eveza ingaphambili nengaphansi lebhonethi okusiza kakhulu uma uhamba obhuqwini.
Intengo:
GLC 220 d 4MATIC - R1,211,220
GLC 300 d 4MATIC - R1,410,194
GLC 300 4MATIC - R1,328,500 (ayifakiwe intela yeCO2)
Zifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.