Impilo Yabantu Ezezimoto

Amathiphu okushayela ebusika

Intatheli Yazezimoto|Published

Ukushayela kuphuma ilanga noma lishona kungenza uxhopheke

UKUNGENA kobusika kungadala izingqinamba kwabanye abashayeli njengenkungu, ukushayela bexhoshwa yilanga nokunye.

Lokhu kushiwo yisikhulu seMasterDrive, uEugene Herbert, esithe zikhona izindlela zokugwema lezi zingqinamba.

UHerbert ukhiphe nanka amathiphu angasiza abashayeli:

Uma kuphuma ilanga noma lishona.

-Yize iMasterDrive igqugquzela ukuthi ushayele namalambu ekhanya, uma ungakwenzi lokhu wakhanyise usaqala nje ukuphuma.

-Gwema ukuhlatshwa yilanga ngokuhamba ngenye indlela noma ushintshe isikhathi sakho sokuhamba uma kwenzeka.

-Ukuphakamisa isihlalo kungasiza ukugwema ukuxhoshwa yilanga.

-Yenza isiqiniseko sokuthi i-windscreen ihlanzekile ngaphakathi nangaphandle njengoba ilanga linganciphisa indlela obona ngayo uma ingcolile.

-Izibuko zelanga zingasiza ukunciphisa ukuxhopheka.

-Yehlisa okokusitha ilanga kusanesikhathi ukuze ungazitholi usuxhopheka.

-Yehlisa isivinini. Hlale ushintsha isivinini sihambisane nesimo somgwaqo hhayi nesivumeleke kulowo mgwaqo.

Isithwathwa neqhwa.

-Ngaphambi kokuthi ubusika buqinise, gcwalisa i-anti-freeze.

-Bheka ukuthi amathayi afuthwe kahle yini.

-Yandisa isikhala phakathi kwakho nemoto oyilandelayo.

-Bheka ngokucophelela.

-Jika emakhoneni ngesivinini esiphansi.

-Ungayisebenzisi i-cruise control uma kushelela emgwaqweni.

-Uma imoto ikuphunyuka ungatatazeli kodwa yehlisa isivinini kahle ngokususa unyawo kwi-accelerator.

-Jika isiteringi siphambane nalapho ushelela khona.

Inkungu yenza kube nzima ukushayela futhi uma kunendlela, gwema izindawo ezijwayele ukuba nayo

Inkungu.

-Shayela ngendlela ongenza ngayo uma izulu lina.

-Uma kwenzeka, gwema izindawo ezijwayele ukuba nenkungu.

-Ungawakhanyisi bha (bright) amalambu ngoba azoshaya inkungwini bese uyaxhopheka kakhulu.

-Kungcono usebenzise ama-fog lights noma akhanya kancane.

-Gwema ukushaya ama-hazard noma ama-emergency lights uma usahamba. Omunye engacabanga ukuthi umile kanti akunjalo.

-Gwema ukuvele ushintshe umzila noma ukushayela ngendlela engenza omunye umshayeli angakwazi ukukugwema ngokushesha.

-Ungami eceleni ngaphandle uma ungakwazi ukuphuma emgwaqweni bese ushaya ama-hazard.