Impilo Yabantu Ezezimoto

Kushintshwe izinto ezimbalwa kwi-Isuzu mu-X

Fanelesibonge Bengu|Published

IMOTO: ISUZU mu-X

KWENZIWE izinguquko ezimbalwa kwi-Isuzu mu-X, okuyimoto yemindeni elayisha abagibeli abayisikhombisa.

Imu-X iqale ukudayisa kuleli ngo-2018, kuthe ngo-2021 kwethulwa uhlobo lwesibili olusha. Kusukela ifikile ngo-2021 abakwa-Isuzu bagcizelela ukuthi bebelalela amasu amakhasimende ukuzwa ukuthi yini ayithandayo nakhononda ngayo.

Bathathe lokho ukuyithuthukisa nokwenza izinguquko lapho kunesidingo khona. Ngesikhathi ifika bekunezinhlobo ezine i-3.0 4x2 LS automatic, yi-3.0 4x4 LS automatic, yi-3.0 HR LSE automatic ne-3.0 4x4 Onyx automatic.

Kuzokhumbuleka ukuthi zonke bezinenjini engu-3.0 litre turbodiesel ezinamandla awu-140kW, netorque ewu-450Nm. Ugearbox uyi-6 speed automatic.

Ngihambe nge-Onyx eyethulwa ngoLwesine, eGoli. Izwakala ingenawo umsindo omkhulu ngaphakathi emotweni. Ishintsha kahle futhi intofontofo awuzwa noma usubambe u-120km/h. Ngiyathemba sizoke sithole ithuba lokuchitha nayo isikhathi esithe xaxa.

Le njini yiyona efakwe nakwi 4x4 LSE, ebingekho phambilini nengena phakathi kweLS ne-Onyx.

Manje bazokwengeza ne-1.9 4x2 LS automatic ngekota yesithathu yonyaka. Inenjini ebitholakala kwiveni iD-Max kuphela. Yiyo ezobiza kangcono futhi eyongayo nakudizili njengoba kwiD-Max kuke kwenziwa uhambo lokusuka eGoli, kuyiwa eKapa, ngethangi elilodwa ligcwele.

Injini ewu-1.9 litre inamandla awu-110kW netorque ewu-350Nm, nogearbox oyi-6 speed automatic.

UKevin Fouche, oyiDepartment Executive: Product Planning and Programme Management kwa-Isuzu Motors South Africa, uthe ukwengezwa kwayo kuzodoba namakhasimende amasha kwi-mu-X. Lokhu kuzoyenza ikwazi ukuncintisana kahle nezimbangi iToyota Fortuner enenjini engu-2.4 litha, bese kuba nenkulu engu-3.0 litha.

Uthe bake baba nenkinga yesitokwe kwi-mu-X kodwa sekungumlando konke manje futhi babheke ukuthi senyuke isibalo sabathengi.

Izinguquko azithinti ukwengezwa kwezinhlobo ezintsha kuphela kodwa nendlela ebukeka ngayo bathe ukuyithinta lapha, nalapha.

Ngaphambili bayishintshe igrille, yikumafog lamp nakubhampa ngezansi. Ngemuva bayishintshe amalambu futhi ibhuthi kwiLSE ne-Onyx isiyazivulekela uma usondela uphethe izimpahla nokuyinto eyenza impilo ibe lula.

Zonke zinamaLED daytime running light, amaBi-LED headlamp, amaLED fog lamp namaLED light ngemuva.

Amarimu awasaqali ku-17 inch kepha aseqala ku-18 inch, bese kuthi i-Onyx yona ishaye ngamasha angu-20 inch. Okunye okushintshiwe wukwenzwa kombala omusha uNorwegian Blue ongena esikhaleni sonsundu.

Ngaphakathi zonke zifika nezihlalo eziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi. Izihlalo bazenze zathi ukuba nfotonfoto. Ezangaphambili ziyafudumala kwi-Onyx. Okusha wukuthi usuyidumisa nangokhiye ungaphandle ukuze ibe iqala ifudumala noma iphola ungakangeni.

Zonke zinetouchscreeen infotainment system oxhuma kuyo i-Apple CarPlay, Android Auto iphinde iveze nekhamera ngemuva.

Ikhamera ngenye yezinto ezengeza ukuphepha ukuze ungashayisi uma upaka. Okunye kubalwa ama-ABS, Hill Start Assist, Hill Descent Control, nama-airbag ngaphakathi.

ILSE ne-Onyx zifakwe isensor eshoyo uma kunemoto eseceleni, iyakusiza ukuze uhlale emzileni futhi iyasho uma umoya wehla emasondweni.

Intengo:

-1.9 LS 4x2 - TBA

-3.0 LS 4x2 - R784 300

-3.0 LS 4x4 - R867 600

-3.0 LSE 4x2 - R826 200

-3.0 LSE 4x4 - R909 500

-3.0 Onyx 4x4 - R928 100

Zonke zifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km neroadside assistance kanjalo ne anti-corrorion warranty yeminyaka emihlanu.