Impilo Yabantu Ezezimoto

Kwenziwe izinguquko kwafakwa nenjini entsha eyongayo kwiToyota Corolla

Fanelesibonge Bengu|Published

IMOTO: TOYOTA COROLLA HYBRID

ITOYOTA Corolla yethulwe eNingizimu Afrika ngo-1975 futhi sekudayiswe angaphezulu kuka-570 000 kusuka lapho.

Le ntandokazi ihlukene ngezinhlobo futhi njengoba umhlaba usushintsha nje sekungenisa izimoto zikagesi, iCorolla ayisali ngaphandle kulolo shintsho.

Ngonyaka odlule kwethulwe iCorolla eyi-hyrbid okusho ukuthi ihamba ngenhlanganisela yenjini kaphethroli nekagesi.

Lokhu kwenziwe kwi-sedan kuphela kodwa kulokhu sekwehliselwe nakwiCorolla Hatch. Phambilini iCorolla Hatch ibitholakala kuphela ngenjini kaphethroli engu-1.2 litre turbo kaphetholi engasekho.

Esikhaleni sayo kufakwe engu-1.8 litre petrol-electric hybrid ebitholakala kwiCorolla sedan. Umehluko wayo nokho ukuthi isinamandla athe xaxa ngo-13kW njengoba esengu-103kW. Abakuqhakambisayo ukonga kwayo njengoba ngo-100km bethi idla amalitha kaphethroli angu-3.5.

Ithule njengoba kulindelekile uma isuka nokuthi uma uyinyathela uyizwe injini kaphethroli isebenza. U-gearbox ozishintshayo oyi-CVT uyenza ibe nomsindo uma uyinyathela mawala kodwa umsindo wayo awumkhulu njengakwezinye izimoto.

Enye injini ekhona yi-2.0 litre kaphethroli enamandla angu-126kW ne-torque engu-203Nm. Nayo isebenzisa u-gearbox ozishintshayo oyi-CVT.

Zombili ziyatholakala kwi-sedan.

ICorolla Hatch bathe ukuyishintsha lapha nalaphaya indlela ebukeka ngayo. Ngaphambili amalambu angamaBi-LED bawashitshile mbijana kanjalo nakubhampa ngemuva. Amarimu aphakathi kuka-16 no-18 inch. Kunemibala okhetha kuyo yomzimba futhi kunezinye ezinokhakhayi oluhlukile kunombala womzimba.

Ngaphakathi ine-7 inch touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay, inendawo yokushaja ngaphandle kwentambo nezindawo zokushaja nge-USB ezengeziwe nangemuva.

Ezokuphepha nazo zinyusiwe njengokuthi ibhreke uma ibona sengathi uzoshayisa ngesikhathi uhlehla.

Lezi zinguquko zenziwe nakwiCorolla sedan.

Intengo:

Corolla Hatch 1.8 Xs Hybrid - R 490 900

Corolla Hatch 1.8 Xr Hybrid - R 528 400

Corolla Hatch 1.8 Xr Hybrid Bi-tone - R 538 800

Corolla Hatch 2.0 Xr CVT - R 517 100

Corolla Hatch 2.0 Xr CVT Bi-tone - R 529 000

Corolla 1.8 Xs Hybrid - R 502 600

Corolla 1.8 Xr Hybrid - R 521 800

Corolla 2.0 Xr CVT - R 517 100

Zoke zifika ne-service plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km. Ezikaphethroli zine-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km kuthi i-hybrid ibe neyeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km.