Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuyaphela ngeToyota Urban Cruiser

Fanelesibonge Bengu|Published

IToyota Urban Cruiser iyintandokazi njengoba ibalwa nezimoto ezidayisa kakhulu

Imibiko ikhomba ukuthi kuphelile ngeToyota Urban Cruiser eyintandokazi yemoto edayisa kuleli.

I-Urban Cruiser iqale ukudayisa kuleli ngoMashi ka-2021 futhi ngenyanga yayo yokuqala kuthengwe angu-977. Ngenyanga edlule ibe ngeyesithathu ukudayisa kakhulu kuthengwa angu- 1 820. Ilandele iToyota Hilux (3 336) neToyota Corolla Cross (2 014).

Isuselwe kwiSuzuki Vitara Brezza njengoba lezi zinkampani zinobudlelwano bokusebenzisana obuzale neToyota Starlet esuselwe kwiSuzuki Baleno.

Umbiko we-Autocar India uthe iToyota iqedile nge-Urban Cruiser.

Ithe isikhishiwe nakwi-website yayo futhi ayikho imoto ezovala isikhala sayo osekuhleliwe ngayo.

IToyota kuleliya zwe isanda kwethula i-Urban Cruiser Hyryder. I-Urban Cruiser Hyryder inenjini kaphethroli engu-1.5 litre kaphethroli nenye eyihybrid.

E-India ayikho iToyota Corolla Cross njengakuleli okukhona kuyo neyihybrid.

KwaToyota South Africa Motors basanda kutshela leli phephandaba ukuthi basakucabanga ukuyethula kuleli.

I-Urban Cruiser yakhiwa e-India.