AKEKHO ongaphika ukuthi ukuzingcolisa (ukuzimoshela) umdala, ngenye yezinto ezikuphoxa kakhulu uma yenzeka kunoma ngubani; kungaba sebusuku noma emini.
Kunabantu abayaye bacabange ngisho ukuzibulala imbala uma bezithola bephethwe yisifo esibenza bangakuzwa ukuza kwendle okugcina ngokuthi itshe lentaba liziphumele ngaphandle.
Usuyozwa ngephunga okanye uzwe ngobumanzi njengengane. Kunzima ukucabanga ukuthi kungakanani ukujivazeka okuhambisana nesimo esinjengalesi, angikhulumi ke uma isehlo senzeka uphakathi kwabantu.
Sengihlangane nabantu abaningi abahlushwa yilesi simo. Lokhu kwenzeka kubantu abasha nabadala; abesifazane nabesilisa, awukho umehluko. Okumnandi ukuthi isimo esinjengalesi siyelapheka futhi siphele. Inselelo kuba kubantu bakithi abahlala isikhathi eside bejikileza, bengezi ukuzofuna usizo oluqondile.
Umhlume yisifo esinobungozi kakhulu, esidinga ukwelapheka ngokuphelele futhi welaphe umsusa waso. Akusona isifo sokufuhlela imithi nje, ungazi nokuthi iyiphi imbangela oyelaphayo?
Sike sachaza ezingosini ezingaphambili ukuthi umhlume yisifo esichamuselwa ukukhuhleka nokulimala kwemizwa, ngenxa yokugangatheka kwemizwa, kugcina kuphunduleka izicubu. Yingakho uthola ukuthi imizwa nezicubu okumele kwenze umhlanganiso wokulawula umbhobho wendle kuvele kuthiphalaze; indle iziphumele nje ngokuthanda kwayo. Umbuzo mhlawumbe uzothi, yini eyenzekayo ngaphambi kokufika ekubeni amabhuleki aphele, indle iziphumele?
Asikhumbuzane ukuthi umhlume uyingxenye yokugangatheka kwemizwa nemithambo okuholela ezifeni nasezimeni eziningi ezahlukene. Umhlume wona kusuke kulimele umuzwa omkhulu ovela emgogodleni, empeleni ngasezansi nawo umgogodla. Lo muzwa umkhulu unjalo, uguduza emathanjeni ezinqe uze ufike lapho uhlukana khona kabili, uyolawula imizwa yocansi nezicubu zakhona. Enye ingxenyana ilawula izicubu zombhobho wokukhipha indle.
Yingakho uthola ukuthi izimpawu ezilandelayo zivela njengomgodla wevungu:
Ukukhipha umoya ngemuva (ukusuza) okungajwayelekile
Ukuqumbelana, ungayi ngasese, kugcwalelane umoya emathunjini nasesiswini
Ubuhlungu beqolo
Ubuhlungu besinqe, kungahlaleki, inkwantshu neminjunju
Ukuthamba kwemithambo kuze kuphumele nangaphandle kwembobo yokukhipha indle; bese sikubiza ngokuthi amaphayili
Ukuhluleka kwemibhobho yendle ukuzwela nokuvimba indle; bese iyaziphumela indle
Ukungavuki kwenduku
Induku ikushiye endleleni ocansini, ivele iziwele
Induku evele isheshe ukukhafula
Induku inciphe ngobubanzi nangobude
Iqolo nomgogodla obuhlungu kuqaqambe kube ngathi
kunembobo embiwe yahlukanisa amathambo
Ubuhlungu buyakwazi ukwehla ngamathanga kuye edolweni ngaphambili nasemsipheni ongemuva kwalo
Ubuhlungu obuba ngaphambili kuba ngathi idolo liyagwaza ezinhlangothini, indawana engaphambili naphakathi nalo
Njengoba sishilo engosini edlule, iminjunju ize ifike ezinyaweni.
Mangiphawule ukuthi umhlume uyabahlasela nabesifazane ebulilini babo, ngoba isikhathi esiningi kuyaye kukhulumeke kube ngathi ngabesilisa ababa nenkinga yokuncishelwa yizinduku zabo ziphinde zingavuki. Kwabesifazane esibabonayo ezikhungweni zokusebenzela esibalaphela umhlume, bonke bakhala ngokungasaluhaleli ucansi futhi bengavukelwa. Abaningi basitshela ukuthi balwenza nje ngoba abalingani babo basuka befisa kanjalo.
Siyaye siqhubeke sibabuze ngobhontshisi wabo, ukuthi alukho yini ushintsho abalubonayo? Bonke bayachaza ukuthi ubhontshisi usunciphile abanye baze bathi awusekho mpelampela, sekuyinqudulu nje. Umhlume awukhethi bulili!
Ngiyethemba ukuthi lokhu kuyasibeka isithombe sokuthi abesifazane nabo banenkinga enkulu yokungahaleli futhi bengavukelwa. Lokhu okungaholela ekutheni kube nzima ukufika kuvuthondaba. Ngisho lokhu ngoba ngiyazi ukuthi baningi abesilisa abasishayela ucingo nesibabonayo bethi abathandwa babo abafiki kuvuthondaba, lokhu kuyabahlupha kakhulu. Uma kunjalo, kungenzeka isithandwa sakho sinesifo somhlume; impendulo ithi othandiweyo wakho makelaphe umhlume, impilo iqhubeke iye phambili.
Namhlanje sikhuluma ngomhlume ogcina ngokuthi iziqhobosho ziphele, indle iziputshukele, kwabanye kuze kuphumele ngaphandle nombhobho wokukhipha indle.
Ebesikugcizelela lapha ukuthi lokhu kwenzeka emzimbeni, akukwazi ukuthi kuvele kuzimele kodwa ngokwenzeka, kuningi okunye okwenzekayo okuhambisa nalokhu kugula.
Isifo sokuphelelwa ngamabhuleki, ukhiphe umoya kakhulu kuze kuholele ekutheni indle iziputshukele ingabambeki, siyelapheka ngaphandle kokuthi uye kohlinzwa. Hamba uye kudokotela wakho umchazele okwenzekayo, ngisho ngabe wumchamo oziphumelayo; uzoluthola usizo, welapheke ngokuphelele.
Mpilonde!