UKUDLA okunesikhutha kungadala izinkinga zempilo, okubalwa kuzo ukuphazamiseka kolibovuzo, umdlavuza wesibindi kubantu nasezilwaneni.
Ngempelasonto isitolo esidayisa ukudla nezimpahla, iPick n Pay, sihoxise ukudayisa i-peanut butter eyizihlobo ezintathu ngoba sithe sihlola imikhiqizo, okuyinto abathi yenziwa njalo. Sithole ukuthi inohlobo lwesikhutha i-aflatoxins.
Lesi sikhutha abezimpilo bathi siwushevu futhi singaholela ekutheni umuntu ashone uma edle ukudla okunezinga eliphezuli laso.
Inhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), kwisizindalwazi sayo, ithi isikhutha i-aflatoxins siyingxenye yomndeni wezikhutha owaziwa ngeMycotoxins, akhela ezitshalweni.
"Imiphumela yokudla ukudla okunamanye ama-mycotoxins kungaba wukugula ngokushesha ngemuva kokudla lokho kudla, eminye kuba wukugula isikhathi eside okuhlanganisa ukungenwa isifo somdlavuza. Ama-mycotoxins avamise ukutholakala ekudleni angu-12," kusho iWHO.
Umbiko weWHO okhuluma ngobungozi besikhutha nezinhlobo zazo okhishwe nyakenye, uveza ukuthi ama-aflatoxins ayingxenye yomndeni yezikhutha imycotoxin, enobuthi kakhulu futhi akhiqizwa yisikhutha i-Aspergillus flavus ne-Aspergillus parasiticus.
Simila enhlabathini, ezitshalweni ezibolayo, otshanini nasezitshalweni ezisanhlamvu. Izitshalo ezivame ukuthinteka kuba sezitshalweni ezisanhlamvu, ummbila, amabele, ukolweni nelayisi.
Ezitshalweni ezikhiqiza imbewu yamafutha itholakala kwisoya, amakinati, imbewu kabhekilanga nekakotini. Ezinongweni itholakala kupelepele ojwayelekile, upelepele omnyama, i-coriander, i-turmeric ne-ginger.
Emantongomaneni asezihlahleni itholakala kwi-almond, i-walnut, ukhukhunathi nakwiBrazil nut. Lobu buthi bungatholakala nasobisini lwezilwane eziphakelwa ukudla okunalesi sikhutha.
Olunye uhlobo lwesikhutha oludumile yi-Ochratoxin A, ikhiqizwa i-Aspergillus nePenicillium, ivame ukutholakala ezitshalweni ezisanhlamvu, okuwubhontshisi wekhofi, izithelo zomvini owomile, iwayini nejusi yamagilebhisi, nasezinongweni zotshwala.
Lolu hlobo lwesikhutha lwakheka ngesikhathi isitshalo sisagciniwe futhi saziwa ngokuthi sigulisa izilwane eziphakelwe izitshalo ezinaso.
Uma kwenzekile umuntu wadla lolu hlobo lwesikhutha olungaphezulu kokwamukelekile, angalimala izinso, uma kuyingane kungehla ukusebenza kwamasosha omzimba.
IPatulin ngolunye uhlobo lwesikhutha olungena ngaphansi komndeni i-Mycotoxin ekhiqizwa yi-Aspergillus, Penicillium neByssochlamys. Ivamise ukutholakala ezithelweni ama-aphula nasemikhiqizweni eyakhiwa ngalo i-apula.
Uma isilwane zidle ukudla okunalesi sikhutha sihlaselwa isifo sezinso, ubende nesibindi konakale namasosha omzimba waso. Kubantu sidala ukucanuzela kwenhliziyo ukuphalaza, isilungulela nokunye.
Fusarium fungi, wolunye uhlobo lwesikhutha esitholakala enhlabathini. Sivamise ukwakhela ezitshalweni ezikhiqiza izidlo zasekuseni. Lesi sikhutha kubantu sidala izinkinga zesikhumba, emathunjini sidala uketshezi oludala ukuthi umuntu ahanjiswe isisu.
I-WHO ithi kuke kwabikwa ukuthi lolu hlobo lwesikhutha lungaholela ekutheni umuntu ahlaselwe wumdlavuza wombilo, ezilwaneni singaholela ekutheni zibe nomdlavuza wezinso nesibindi.