UKUPHUZA ngokweqile nokuya ocansini olungavikelekile, yizinto ezihamba phambili kweziyingozi ezingakubeka engcupheni yokuthola izifo kuleli.
Lokhu kuvezwe muva nje, wucwaningo olwenziwe yisikhungo, iSouth African Medical Research Council (SAMRC). Lolu cwaningo luveza ukuthi izifo eziningi ezihlasela abantu ziyamaniswa nosikompilo abazikhethele lona.
USolwazi Debbie Bradshaw wophiko olucwaninga ngezifo kulesi sikhungo, uthe ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi esikhathini esiningi, uma kubhekwa imbangela yokufa komuntu ngaphambi kwesikhathi, bathole izinto ezidala lokho.
"Izinto ezifana nodlame lwasekhaya noma olwenzeka emphakathini, ukuya ocansini olungavikelekile, umfutho wegazi ophezulu, yizinto ezihamba phambili ezibulala abantu kuleli, esikholwa ukuthi zingavikeleka," kusho uSolwazi Bradshaw.
Uqhube wathi kulolu cwaningo, ezinye zezinto ezitholakale kulo ziyefana nezitholakale ngo-2012, okuyizinto okumele ukuthi ziqashelwe ukuze kwehle izifo ezibulala abantu singekho isidingo.
“Sikholwa wukuthi kusukela ngo-2020, ukuya ocansini olungaphephile sekwehlile. Ukusetshenziswa kwamakhondomu kwenyukile kodwa ukusabalala kwesifo akukehli. Uma singakwazi ukugwema ukuya ocansini olungaphephile singabona kwehla isibalo sabahaqwa yiHIV nezifo zocansi ezithathelanayo. Ukuphuzwa kotshwala kuyasetshenziswa njengendlela yokuthola ucansi olungaphephile," kusho uSolwazi Bradshaw.