NGAPHEZU kokuthi kunemikhankaso eminingi eyenziwa ngongoti bezempilo yokukhuthaza omama ukuthi bancelise ibele, izibalo zikhomba ukuthi bancane omama abenza njalo eNingizimu Afrika.
Ngokwemigomo yenhlangano yezempilo emhlabeni, World Health Organization (WHO), mayelana nempilo kamama nezingane ezisanda kuzalwa, izingane kufanele zinceliswe ubisi lwebele ezinyangeni eziyisithupha zokuqala. Ngemuva kwalokho omama bayakhuthazwa ukuthi bancelise ibele njalo, uma ingane isiqale ukunikezwa ukudla okuqinile kancane, kancane kusukela ezinyangeni eziyisithupha.
Abezempilo bathi inzuzo yokuncelisa ukuthi impilo kamama nengane iyathuthuka kunciphe nezindleko zokuthenga ubisi. Phezu kwalokho, ingane encela ibele ayivamile ukugula, ngaleyo ndlela kuncipha nezindleko zokwelashwa.
Njengoba ngoLwesine kuqala isonto lokukhuthaza ukuthi omama bancelise ibele iWorld Breastfeeding Week, ongoti bezempilo bathi kunezizathu eziningi ezenza omama bangaqali ukuncelisa ibele noma bayeke ngaphambi kwesikhathi.
Kwesinye isikhathi kusuke kuyizizathu zokwelapha ezingenakuvinjelwa, kodwa ngokuvamile omama babhekana nezithiyo abangakwazi ukuzinqoba bebodwa.
Okhulumela i-Association for Dietetics in South Africa (ADSA), uNkk Tsholofelo Mohloane, ongungoti wokudla nokuncelisa uthe: "Ngenza umsebenzi omningi ezibhedlela zikahulumeni, ngihlangana nomama abanezinkinga eziholela ekutheni ubisi lwebele lungatholakali. Kungaba izingono ezibuhlungu, ubisi olugcwele kakhulu ebeleni oluholela ekutheni lungasakwazi ukuphuma ngendlela engonweni, ibele elivuvukele libe buhlungu. Ulwazi olungenele ngezinzuzo zokuncelisa ibele, okuholela ekutheni omama bakhethe okunye esikhundleni sobisi lwebele nakho kunomthelela. Kukhona nokuntuleka kokwesekwa kokuncelisa ibele emakhaya, emindenini nasemiphakathini,"
Abezempilo bathi omama abasebenzayo kumele bazihlele uma bezoqhubeka nokuncelisa ibele noma sebebuyele emsebenzini.
UMnuz Murray Hewlett oyisikhulu esiphezulu e-Affinity Health, uthe omama abasebenzayo banelungelo lokuthola isikhathi sokukhama ibele kumqashi kodwa nabo kumele bazi kabanzi ngamalungelo abo.
Nazi izinto athe uma ungumama oncelisa ibele osebuyele emsebenzini okumele uzazi:
Funda inqubomgomo yalapho usebenza khona emayelana nokuncelisa ibele nokukhama ubisi usebenzisa umshini.
"Ukwazi amalungelo akho kanye nokwesekwa okutholakalayo kungenza ushintsho lube lula," kusho uHewlett.
Uthe ukuba nesikhathi esimile sokukhama ubisi kusiza ekutheni ingane ibe nesikhathi esingaguquki sokuncela ibele.
Uqhube wathi eNingizimu Afrika, omama abancelisayo banamalungelo asemthethweni okuthi banikezwe isikhathi sokukhama ubisi besemsebenzini.
"Ngokomthetho wezimo eziyisisekelo zokuqashwa, iBasic Conditions of Employment Act (BCEA) isigatshana esibhekelele abasebenzi ngesikhathi sokukhulelwa nangemuva kokubeletha, abaqashi kufanele bavumele omama abancelisa ibele okungenani amakhefu amabili emizuzu engama-30 nsuku zonke ukuze bakhame ubisi. Lawa makhefu okuncelisa ibele athathwa njengesikhathi esikhokhelwayo futhi azonikezwa ngaphezu kwekhefu elivamile lomsebenzi letiye nelasemini. Abaqashi kufanele bahlinzeke ngendawo ehlanzekile, esesithe, nevikelekile ukuze omama bakhamele ubisi," kusho uHewlett.