UCWANINGO olwenziwe uhlaka lwezempilo olubheka ukuthi ikhona yini imithi yokwelapha nemigomo ezikhungweni zezempilo zakuleli i-Stop Stockouts Project (SSP) luveza ukuthi ziyashoda izinsiza zokuhlela umndeni.
Lolu cwaningo lwenziwe lwakhiwe yinhlangano yodokotela, i-Doctors Without Boarders, i-Rural Doctors Association of SA, i-Rural Health Advocacy Project, i-Section 27 ne-Treatment Action ngokubambisana ne-Ritshize okuyinhlangano eyakhiwe yizinhlangano ezibhekelele i-HIV ne-TB ezehlukene. Luveze ukuthi ngo-Ephreli 2022 kuya kuJuni 2023, abanye abantu besifazane ababeye ezikhungweni zezempilo KwaZulu-Natal, e-Eastern Cape naseNorth West, babuyele emakhaya belambatha bengazitholanga izinsiza abazifunayo.
Lolu cwaningo olusanda kukhishwa yi-Ritshize lubizwa ngokuthi Ukusatshalaliswa kwezinsiza zokuhlela umndeni- ukuphela kwesitoko nezizathu zako. Lukhishwe ngoLwesihlanu okuhambisana nokuphela kwenyanga yabantu besifazane ebiphela ngempelasonto. Ocwaningweni kuveza izinselelo ezibhekana nabantu besifazane uma beyofuna izinsiza zokuhlela umndeni ukuze bazivikele ekutheni bakhulelwe bengahlelile.
Ngokwalolu cwaningo bonke abesifazane abebeyingxenye yocwaningo bekuke kwenzeke bangazitholi izinsiza zokuhlela umndeni ebebezidinga emitholampilo abebeye kuyo ngesikhathi.
“Esikutholile wukuthi uhlelo lokuthengwa kwempahla kuzwelonke aluhlelekile, luholela ekutheni kube nokushoda kwezinsiza zokuhlela umndeni nokuphela kwesitokwe. Ezingeni lezifundazwe izimbangela zokuphela kwesitokwe zibandakanya ukucishiswa kwesabelomali nokungalawulwa ngendlela kwesitoko," kubhalwe kanjeni.
UNkk Tendai Mafuma ongumcwaningi kwi-Section 27, uthe imiphumela yalo idala ukukhathazeka.
“Kuyakhathaza ukuthi uye emtholampilo ubuye ungakutholanga obukudinga. Okunye okusikhathazayo ukuthi abanye bebeze baphoqeleke ukuthi bazithenge izinsiza abebezidinga esikhundleni sokuzithola mahhala esikhungweni sikahulumeni,” kuchaza uNkk Mafuma.
Kubuye kwavele ukuthi abasebenzi bezempilo bayazama ukuthi iziguli zingabuyeli emakhaya zilambatha ngokuthi bazinike ezinye izinsiza ezisuke zikhona esitokweni noma kungezona iziguli ezizisebenzisayo noma zizidlulisele ezikhungweni ezinesitokwe.
Okunye okuvezwe ilolu cwaningo ukuthi kuyenzeka usizo lokuhushula isisu nalo lungatholakali ngesikhathi.
Ucwaningo olushicilelwe nyakenye ebelubheka ukutholakala kwezinsiza zokuhlela umndeni phakathi kuka-Ephreli 2021 kuya kuJuni 2022, luveze ukuthi izinsiza ezivame ukushoda kuba amaphilisi aphuzwayo nemijovo. Nakulo nyaka kuvele ukuthi izona lezi zinsiza abebeyingxenye yocwaningo ababike ukuthi bekubuyekwenzeke bangazitholi ezikhungweni abavame ukuya kuzo.