EQINISWENI asikho isigaba sokukhula komuntu lapho esiyaye sithi khona usibanibani hhayi usengahamba emhlabeni, noma-ke nje iningi livamise ukuthi akwethusi kakhulu ukuhamba komuntu osekhulile ngokweminyaka.
Kuyakhathaza ukubona abantu beshona bebancane, kuphinde kudide kakhulu uma kungabantu abazikhathazayo ngokugcina imizimba yabo ilolongekile.
Abantu abazivocavocayo bayashona ngapha nangapha besebancane ngenxa yesifo senhliziyo.
Ezikhathini eziningi ivele ijike ibe ngumqwayiba, emuva kwalokho isizoshaya umklamo omusha ongumgxobanyamo, agcine eshonile lowo ohlabekile. Ziningi iziqubu lapho uzwe kuthiwe lowo mfanyana sewashona, kokunye athathwe yikho ukufa esenkundleni edlala noma ezilolonga, qimu phansi, akhihlize amagwebu, akweqe amehlo, hhawu sekumenele.
Abasakhumbulayo bazokhumbula ngomunye unyaka esinye isilomo somdlali webhola salapha e-Afrka siwa enkundleni, siqimuzeka phansi. Kunesifo senhliziyo esingumnqamulajuqu esihlasela ikakhulu abasebancane.
Yize ngokobulili lesi sifo senhliziyo sihlasela ngokungakhethi kodwa izembe ligawula litshekele ngapha kwabesilisa kakhulu. Inhliziyo yakheke ngezicubu ezilekanyene, esinye phezu kwesinye zaze zaba ntathu.
Kulesi sifo isicubu esilele isibili, sivele sigile igoda lokushintsha njengoba sengike ngakhuluma ngenhla, ngathi isicubu sishintshasibe ngamafutha omileyo abe ngumqwayiba. Lolu shintsho lwenza kushitshe ukushaya kwenhliziyo, ivele inhlanhlathe ihambe lena lapho ingadalelwe ukuhamba khona. Umzimba uvele ukhathale ube yinto ethi lala, ungakwazi ukwenza obujwayele ukukwenza.
Omunye mhlawumbe angabuza ukuthi yini imbangela yokuthi uma ingxenye yenhliziyo isiwumqwayiba yenza ohlabekile ashone ngokushesha?
Asikhumbule ukuthi omunye wemisebenzi yenhliziyo wukufingqana ikhiphe igazi elingaya emaphashini, okanye liye emzimbeni. Uma isicubu sayo sesingumqwayiba kusho ukungqangqazela, igcine isihluleka wukufingqana ikhiphe igazi noma ilamukele njengokusebenza kwayo.
Esikugcizelela namhlanje wukuthi inhliziyo enjena ibanga ukwehluleka ukuthi ikhiphe igazi ngenxa yokulahla kwayo umkhondo igcine isiphumile esipolweni. Igazi okumele likhishwe okanye lamukelwe lizoncipha kakhulu,bese eyawa ashone lowo ohlabekile.
Lokhu kungenzeka, ikakhulu umaephakamisa izwi ethetha, ecasukile, ehamba okanye uma esemdlalweni. Baningi abantu abasebancane asebehambe emhlabeni ngokuzuma okukhulu, okushiya abasondele nabo bekhungathekile, bezibuza ukuthi kwenzekeni, yini esiyonile, esemncane kangaka pho?
Angisengi esezixegisile umangithi abaningi bagcina bebhenele ekuhambeni beyofuna umhlolo, okulandela lapho wukuxabana okujulile emndenini. Kubuhlungu ukunukwa ungazi lutho, umndeni ukuphendukele uzithole usuwedwa kade kunemfudumalo, kumnandi nihlezi nisingethene.
Ngiyafisa ukusika elijikayo ngezimpawu zalesi simo nanxa zingakacaciswa kahle kodwa masizilindele lezi ezilandelayo: Inhliziyo eshaya ngendlela engajwayelekile kade uyazi ishaya kahle usuzoyizwa ithi ‘gidigidi’ ushaywe wuvalo, kuphele amandla isiyezi esingajwayelekile, kuthi ebuncaneni usephelelwa wumuzwa wocansi, akusafikeki kuvuthondaba ungowesifazane.
Lokhu kuhambisane nokusuza okungamandla ebuncaneni nokukhohlwa. Kowesilisa omncane induku isheshe ichithe ocansini, iwe iphakathi, ingaqini, inciphe,ube “nguqhwasha” umncane - uveleukwazi ukugcina emzuliswaneniowodwa nje kuphela.
Kubalulekile ukuqaphelisisa ukuthi izimpawu ezinye zisazovela ngenxa yocwaningo olunhlobonhlobo oluqhubekayo. Ngiguqa ngawo womabili, ngithi uma unalezi izimpawu, ikakhulu uma umncane sondela kudokotela ozokwazi ukukusiza, ungalindi emathonsi abanzi. Yimpilo yakho!
Mpilonde!!!