ONGOTI bezempilo nesexwayiso ebantwini ngobungozi besifo sokuwa
Image: SITHUNYELWE
NAKUBA isifo i-epilepsy siphatha futhi sihlupha abantu abayizigidi emhlabeni jikelele, kodwa indlela esihaqana ngayo iyehluka kumuntu nomuntu, futhi ayifani indlela esiziveza ngayo, okwenza ukuthi kwesinye isikhathi kube lukhuni satshe ukuthi usheshe uthole ngaso.
Lokhu kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, befundisa futhi bexwayisa ngalesi sifo njengoba ngoMsombuluko wangoFebhuwari 16 kusongwa umkhankaso waminyaka wonke wesonto lonke wokufundisa nokuqwashisa ngalesi sifo, i-National Epilepsy Week (Febhuwari 9 - 16).
I-Affinity Health ithe abantu abaningi bacabanga ukuthi lesi sifo sisiveza kuphela ngokuthi udlikize noma uquleke, okungelona neze iqiniso ngoba zikhona futhi ezinye izindlela esiyaye siziveze ngazo okwenza ukuthi abanye abantu kubathathe isikhathi eside ukukuqaphela lokho.
Bathe ukusheshe uqonde umehluko wakho konke lokhu kungasiza imindeni, abantu abenza imisebenzi yokunakekela izingane, othisha nomphakathi ukuthi ukwazi okumele ukwenze ngokushesha ukusiza lowo osuke esehaqekile ngenxa yaso.
Iyini yona i-seizure yalesi sifo?
I-seizure yenzeka uma kwenzeka isimo esingajwayelekile emzimbeni wakho, kube sengathi ushokhwa wugesi emqondweni, kucime izibani ngokushesha - kume yonke into. Lokhu uma kwenzeka kwenza ukuthi ishintshe ngokushesha indlela umuntu anyakaza nahamba ngayo, yindlela aqapha noma abona izinto ngayo, kuthikamezeke indlela umqondo wakhe osebenza ngayo - ngisho nemizwa imbala. Kusemqoka futhi ukuqonda ukuthi i-seizure ayenzeki kumuntu onalesi sifo kuphela, njengoba kwesinye isikhathi lokhu kudalwa wumkhuhlane, ukulimala ekhanda nezinye izimo zezempilo.
Zehlukene kabili izinhlobo ze-seizure okumele ukuthi uziqaphele ngalesi sifo:
Kusiza ngani ukuqonda izinhlobo zama-seizure?
Uqala nini ukufuna usizo oluphuthumayo?
Kudingeka ukuthi ungalindi kuze konakale kakhulu, kepha uphuthumise ukuthola usizo uma lesi simo siqhubeka ngale kwemizuzu emihlanu uma sesisukile, noma uma sivama ukwenzeka kaningi, kaningi singabi ngcono. Kumele futhi usukumele phezulu uma lesi simo senzeka kowesifazne ekhulelwe, noma senzeka ngendlela eyenza ukuthi angakwazi ukuphefumula. Ukuphuthumisa usizo lwezempilo kusiza ukunqanda ukudloba komonakalo.
Abantu abanalesi sifo baba nezimo ezahlukene ezibahluphayo, okubalwa kuzona ukungalali ngokwanele, ukugqilazeka emqondweni, ukuzizwa ugodola ngisho kungabandi, ukukhohlwa ukusebenzisa imishangazo, nokusebebenzisa izidakamizwa notshwala. Yizo zonke izinto lezi okumele uzazi ukuze ukwazi ukuhlenga nokweseka othandiweyo wakho onalesi sifo.
Abezempilo babhekana kanjani nalesi sifo?
Lokho bakwenza ngokuthi babheke umlando wakho wezifo noma wezempilo, bakuhlole bese bebheka ukuthi ukuthi mngakanani umonakalo osuwenzekile emqondweni wakho ngenxa yalesi sifo ukuze bezokwazi ukubona ukuthi yimiphi imishanguzo ekulungele, kanjalo nempilo okumele uyiphile kusuka ngaleso sikhathi kubhekwe phambili.
Related Topics: