UKUZIVOCAVOCA ngenye yezindlela ezisiza ukuthi umuntu abukeke emncane kuneminyaka yakhe yangempela, ngokusho kongoti bezempilo
Image: UNSPLASH
UMA usakhula, kuvamile ukuthi umuntu afise ukuba mdala ngenxa yokuthi uma useyingane uyaye ubone sengathi abantu abadala baphila impilo emnandi nehalisayo, okuthi ngokuya ukhula ubone ukuthi akunjengoba ubucabanga kodwa olunye udaba.
Lokhu kuhamba kuze kufinyelele emkhubeni owenziwa ngabantu wokusenga ezimithiyo uma umuntu ebuzwa ukuthi uneminyaka emingaki, kokunye okusuke kungesikho ukuthi ukwenza ngenhloso embi nengalungile, kepha kube wukuthi uyazincokolela ngakho.
Mhlawumbe ungathuka isimanga uma ungezwa ukuthi ukuqamba amanga ngeminyaka yakho kungase kube yinto enhle nengaba wusizo kuwena nasempilweni yakho. Omunye uyazibuza ukuthi lokho kungenzeka kanjani?
Umehluko phakathi kweminyaka ozizwa unayo neminyaka yakho ngqo
Abeluleki bezengqondo bazame ukuchaza iminyaka ozizwa unayo ngokuthi yinto osuke uzakhela yona ekhanda lakho, kodwa engakusiza ngandlela thize empilweni yakho.
UDkt Dayna Tourin, wophiko lwezobuciko neSayensi e-University of Louisville, uphawule wathi ngalokhu: “Ekukhuleni komuntu, kuvame ukuthi abantu abaningi bacabange noma babuyelwe umuzwa weminyaka engaphansi kwaleyo abasuke benayo, okwenza umuntu abe nomuzwa wokufisa sengathi isikhathi singabuyela emuva kosekwedlule.”
Ucwaningo olwenziwe yi-University of Exeter ngo-2023 lwaveza ukuthi abesifazane abaningi abasuke beneminyaka eko-40 bavame ukuzizwa sengathi badala kakhulu kunabesilisa beminyaka efanayo, ngenxa yengcindezi edalwa wukukhula nezidingo zempilo yabo.
Kanjalo nokuqhakanjiswa kwezinga lobuhle, ukuthi umuntu ubukeka kanjani emzimbeni - nakho kuba nomthelela ekutheni abantu besifazane bawele ogibeni lokuzingabaza nokubona sengathi abekho esimeni esifanele, okwenza kube nzima ukuthi bazizwe bebancane kuneminyaka yabo ngqo. Bangasizakali njengalaba abavame ukuzizwa bebancane kuneminyaka yabo - njengoba ukuzizwa kanjalo kusiza ukuthi wehlise ukugqilazeka emqondweni futhi kwenza uzithembe nje kokuningi.
Isayensi yokuzizwa umncane kuneminyaka yakho
Ucwaningo olwashicilelwa ngabe-University College London ngo-2014 kwavela ukuthi ukuzizwa umncane kungaba nomthelela othile endleleni ophila ngayo. Abacwaningi babehlola futhi becwaningisisa abantu abawu-6 500 iminyaka engaphezu kweyisishiyagalombili, bathola ukuthi u-12% kuphela walabo ababezizwa bebancane kuneminyaka yabo abashona kusaqhubeka ucwaningo, uma uqhathanisa no-24% walaba ababezizwa bebadala abashona kusaqhubeka lolu cwaningo, okusho ukuthi ukuzizwa umncane kunciphisa amathuba okusheshe ufe ngohhafu wamaphesenti.
Kulolo cwaningo kwavela nokuthi abantu abazizwa bebancane kuneminyaka yabo bavame ukukhuthalela ukuphila impilo yabo ngendlela enempilo, baze bajwayele nokuzivocavoca ngoba befuna ukuthi umzimba nempilo yabo kuhambisane nendlela abazizwa ngayo.
Kungani abantu beqamba amanga ngeminyaka yabo?
Lokhu abantu bavame ukukwenza ngoba bebalekela ukucwaseka ngenxa yeminyaka yabo esihambe kakhulu okuvame ukwenzeka ezindaweni zokusebenza, othandweni nasemphakathini nje empilweni yabo yansuku zonke.
Lokhu kwafakazelwa umbiko wocwaningo lweNew Zealand Seniors lwango-2023 owaveza ukuthi u-71% wabantu ukholelwa ekutheni ukucwasa ngokweminyaka kudlange kakhulu ezindaweni zokusebenza, kwathi u-64% wadalula ukuthi usuke wabhekana noma ulindele ukuthi ucwaswe uma kuqashwa emisebenzini ngenxa yeminyaka yakho.
Futhi ezinhlangeni eziningi kwaziwa ukuthi abantu abasha yibona abafanelwe ngamathuba ezinto eziningi ezinhle, okwenza ukuthi abanye baqambe amanga ngeminyaka yabo ngoba becabanga noma bezitshela ukuthi nabo bangahlomula kulokho.
Kwabanye kuhambisana nomuzwa wokuthi umuntu usuke efuna ukuziduduza kube sengathi usemncane, ekubeni iminyaka isihambile.
Ubungozi bokuqamba amanga ngeminyaka yakho
Nakuba kukuhle ukuzizwa umusha futhi kusiza ukubuyisa ukuzethemba, kubuye kukhuthaze ukuthi uphile impilo yakho ngendlela efanele, kepha kumele uqaphele ukuthi ungenzi ingozi yokuzikhohlisa nokuzihlukumeza. Ubungozi ngalokhu wukuthi kungenza ukuthi ugcine usunengcindezi yokungakwazi ukumelana nokuhamba kwesikhathi neminyaka yonke, uze uzizwe sengathi unecala kanti cha, akonakele lutho.
Ungaba nanengcindezi yokuhlale ufuna ukuthi ubonakale uyisimo noma indlela ethile ebantwini noma ezindaweni ezithile okuzona.