INKINGA yama-Urinary Tract Infection (UTI) ivame ukwelapheka kalula, kodwa uma uyiziba isikhathi eside ingagcina iba buhlungu kakhulu futhi ibe yingozi enkulu kuwena uqobo.
Ukugwema ubungozi balesi simo ungakwenza ngokuthi uqale uthole kahle ukuthi sidalwe yini kuwena nokuthi ungaselapha kanjani ukuze kungaze kubhoke umonakalo waso.
Lokhu kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abantu ngobungozi be-UTI, evame ukuhaqa abantu ngokuthi kungene amagciwane epayipini lomchamo, aze anyukele nasezinsweni nasesinyeni imbala.
Lesi sifo sihlupha ngokuthi kuthi uma sesikungenile, sisheshe senabele kulezo zingxenye zomzimba wakho ngokushesha. Kuvela ukuthi abantu besifazane yibona abasengozini enkulu yaso ngenxa yokuthi ipayipi labo lomchamo lincane, okwenza ukuthi kube lula ukuthi amagciwane asheshe afinyelele esinyeni. Nanokuthi kwabesifazane inkinga wukuthi isinye sabo sisondelene kakhulu nesitho sabo sangasese, okuholela ekutheni ingozi ibe nkulu kakhulu kubona uma uqhathanisa nokwabesilisa.
Nazi ezinye izimo nezizathu zokungakubeka engcupheni yokuhaqwa yi-UTI:
- Ukungaqikeleli inhlanzeko: Ukungakhuthali ukuqikelela ukuhlanzeka ngenye yezinto ezingakuqhatha nalesi simo ngokuthi amagciwane amaningi, ikakhulu lawo eyamene nendle engafinyelela kalula kuwena. Yingakho kusemqoka ukuqikelela ukwesula nokuzihlanza ngokuphelele emuva kokuzikhulula, kanti kwabesifazane kusiza nokuthi bagweme ukusebenzisa insipho enamandla njengoba ingaba yingozi kubona.
- Ukungaphuzi amanzi ngokwanele: Lokho ngenye yezinto futhi eziholela kulesi simo, ngenxa yokuthi uma ungaphuzi amanzi ngokwanele, umzimba wakho awukwazi ukuthi ukhiqize umchamo owanele. Lokhu kwenza ukuthi amagciwane angena esinyeni engaphumi kuwena, kepha athole isikhathi esanele sokwanda esinyeni sakho. Ngakho zama ukuthi uphuze amanzi ngokwanele, ikakhulu uma kushisa ilanga noma wenza umsebenzi ojulukisayo, ukuze uzokwazi ukuchama kaningi, kuphume amagciwane.
- Ukwenza ucansi ngokweqile: Lokhu nakho kungadala lesi simo ikakhulu kwabesifazane ngenxa yokuthi uma wenza ucansi, amagciwane aphusheleka kalula epayipini lomchamo, okwenza ukuthi kwande amathuba okuhaqeka. Ukusebenzisa imikhiqizo enjengama-lubricant ocansini nakho kuyaphazamisa ngokuthi kwenza ukuthi amagciwane akhule. Ukuzama ukulungisa nokugwema lokhu, kudinga ukuthi uzijwayeze ukuyochama emuva kokuzibandakanya ocansini, ugeze isitho sakho sangasese ngaphambi nangemuva kokwenza ucansi ukuze ugweme izinkinga.
- Ukubamba umchamo isikhathi eside: Abantu abaningi bavame ukubamba umchamo isikhathi eside, ikakhulu uma umuntu ebambezeleke esiminyaminyeni emgwaqeni, uma ehamba ibanga elide noma ematasatasa emsebenzini. Okubi ngalokho wukuthi ukuhlala isikhathi eside ubambe umchamo kunika amagciwane ithuba lokunabela esinyeni sakho, bese uba sengozini yalesi simo. Ngakho kungasiza ukuthi ulalele umzimba wakho, kuthi uma uzizwa ukuthi uphiswe wukuchama, wenze njalo nje ngaleso sikhathi - ungaze uphiswe kakhulu. Kanti futhi uma uchama qinisekisa ukuthi uthuntutha wonke umchamo, kungabi namaconsi asalayo ngoba ayingozi ngokuthi aba yinkundla yokudlalela amagciwane.
Zikhona nezinye izimo ezingakuqhatha nalesi simo:
Kwesinye isikhathi lesi simo sidalwa yizimo noma izifo okukhona kuzona isifo sikashukela ngenxa yokuthi uma unoshukela umfutho wakho wegazi uvame ukuba phezulu, okuba yinkinga ngokuthi kwenza ukuthi amagciwane akhule. Kanjalo nezimo ezeyamene nokuphazamiseka kwendlela okusebenza ngayo izinso zakho nenkinga yendlala yabesilisa kuphazamisa ukugeleza komchamo ngendlela efanele. Kanti futhi kwabesifazane kubuye kudalwe nawukushintsha kwama-hormone, okwenzeka kakhulu uma sebesesigabeni se-menopause, okuvame ukuthiya ukwakheka nokuphuma komchamo emzimbeni.
Ubonana nini nodokotela?
- Ubuhlungu nokushisa okungabekezeleki esithweni sakho sangasese uma uchama.
- Iphunga elibi nelingabekezeleki elithaphuka uma uchama.
- Ukulokhu uphiswa wukuchama kaningi, kokunye kuphume ithonsana lomchamo.
- Ubuhlungu okhalweni nasesiswini.