Impilo Yabantu Ezempilo

Balengela engozini yomdlavuza abakhonze ukudla okusheshayo

Vuyile Madwantsi|Published

ukudla okusheshayo kungakudalela izinkinga

Image: Instagram / amlyss_eats

ISIKHATHI esiphila kusona manje sinezinto eziningi abantu ababhekene nazo, kangangokuthi abanye bagcina benganaki ukuthi bafakani emlonyeni, ekubeni ukudla umuntu nomuntu akudlayo kunomthelela empilweni yakhe.

Lokhu kushiwo ngabenhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organization (WHO), bexwayisa abantu ngengozi yokudla okuphehliwe ngamakhemikhali (processed), ngenxa yomthelela wakho omubi nongaba yingozi kangangokuthi okunye kwakho kungenza uphathwe wumdlavuza.

Okunye kwalokho kudla okusekuvele ukuthi kungaba yingozi empilweni yomuntu yize abantu bekukhonze kakhulu kuhlanganisa ubhekeni, ama-hot dog nama-sausage. Kuthiwa lezi zinhlobo zokudla kungaba yingozi kakhulu ukuzidla ngokweqile.

Lokhu kufakazelwe nangabe-International Agency for Research on Cancer (IARC), bedalula ukuthi lezi zinhlobo zokudla okunamakhemikhali ziyingozi enkulu kangangokuthi zingaholela ekutheni uze uphathwe wumdlavuza.

Umbuzo omkhulu ngothi kunani epuletini lokudla kwakho?

Ngokwe-Global Burden of Disease Project, balinganiselwa ku-34 000 abantu ababulawa wumdlavuza obahaqa ngenxa yokudla kakhulu inyama esuke igcinwe isikhathi eside eziqandisini ngenhloso yokuyigcina isesimeni esifanele, kungakhathalekile ukuthi hloboluni lwenyama.

Lokhu kuyisimo esishaqisayo nesibucayi kakhulu njengoba uma ungahlanganisa izifo zomdlavuza nje ozimele kanjalo nalezo zomdlavuza odalwe wukudla kakhulu inyama ebomvu izibalo zingalinganiselwa ku-50 000 njalo ngonyaka emhlabeni jukelele. Kanti futhi kusekhona abantu abangaphezu kuka-1 million abafayo emhlabeni jikelele ngenxa yokuhlushwa wumdlavuza odalwe wukuthi babhema kakhulu ugwayi.

Ukupheka kunaqhazalini kulokhu?

Indaba yokudla ayipheleli ekutheni udlani kuphela, kepha futhi kumqoka nokuthi ukulungisa kanjani. Ezinye zezinhlobo zokupheka ukudla okuyaye kudale inkinga ohlotsheni lokudla okudlayo wuku-grila, ukosa ngegesi nokuthosa inyama ngenxa yama-chemical aphuma lapho nangaba yingozi emzimbeni wakho uma sewudle lokho kudla.

Nakuba ucwaningo lungakapheleli ngalokhu, kodwa sekucacile ukuthi akunabungozi ukusebenzisa ezinye izindlela zokupheka njengokuthi ubilise noma ugweme ukupheka ukudla kwakho ngamafutha.

I-WHO iphinde yakhuthaza ukuthi abantu banciphise impela ekudleni okugcinwa isikhathi eside ukusiza ukunciphisa ingozi yokuhaqwa wumdlavuza wamathumbu, phecelezi i-colorectal cancer. Kanti futhi ukwenza lokhu kungasiza nangokuciphisa ingozi yokuhaqwa yisifo senhliziyo nokukhuluphala ngokweqile.

Nakhu okunye okumele ukuqaphele noma ukuqikelele ukugwema lesi simo:

  • Sebenzisa inyama ukwengeza nje ekudleni kwakho hhayi ukuyigcwalisa kube iyona eningi kakhulu
  • Gxila kulezi zinhlobo zokupheka eziphephile nezinempilo njengokubilisa ukudla kwakho.
  • Gxila ekudleni okunempilo nokunika amandla njengobhontshisi, u-lettuce nokunye okufuze lokho.
  • Fundisa umndeni wakho nabathandiweyo bakho ukugxila ekudleni okunempilo.