Impilo Yabantu Ezempilo

Ukuzamula ngokweqile kungaba yinkomba yokonakalayo emzimbeni

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bezempilo bakholelwa ekutheni ukuzamula kusiza ukusabalalisa umoya egazini bese futhi kwenza ukuthi umzimba wakho uphaphame

Image: Debashis RC Biswas/Unsplash.

UKUZAMULA yinto ejwayelekile neyenzeka kuwona wonke umuntu, futhi esiza ngokuthi ikhululula umqondo futhi yenze ukuthi umzimba wakho uphaphame uma uqeda ukuyenza, kodwa futhi uma sekwenzeka kaningi nangezikhathi ezingajwayelekile - kungenzeka ukuthi umzimba wakho uzama ukukutshela ukuthi kunenkinga ekhona.

Nakuba ukuzamula kuvame ukweyamaniswa nokukhathala noma ukubhoreka, kepha futhi kwesinye isikhathi kungaba yinkomba yokugqilazeka komqondo, kokunye kube wuphawu lokuthi imishanguzo oyisebenzisayo inomthelela ongemuhle emzimbeni wakho, kokunye kubikezele inkinga ekucathamelayo enhliziyweni noma egazini.

Kungani vele umuntu nomuntu ezamula?

Ososayensi bake bacabangela ukuthi ukuzamula kuyamene nokuthi ingqondo isuke ithola umoya omningi, kodwa ucwaningo lwabezempilo lwakuphika lokho. Manje ongoti bezempilo bakholelwa ekutheni ukuzamula kusiza ukusabalalisa umoya egazini bese futhi kwenza ukuthi umzimba wakho uphaphame. Lokhu kwenzeka ngokuthi uma umzimba uphaphama ekukhathaleni, ekugqilazekeni noma ukade ubhorekile - ukuzamula kusize ngokwenyusa indlela umoya osabalala ngayo emzimbeni, okwenza ukuthi ingqondo iphaphame futhi ukwazi ukugxilisa umqondo kokwenzayo noma kosuke uzokwenza.

Nazi izizathu zokunye okungenza ukuthi uhlale uzamula:

  1. Wukungalali ngokwanele: Ukungatholi isikhathi esanele sokulala ngesinye sezizathu ezivamile ezenza ukuthi umuntu ahlale ezamula. Umuntu nomuntu udinga ukuthi alale amahora ayisikhombisa kuya kwayishiyagalolunye ubusuku nobusuku, kodwa ngenxa yezinto eziningi ezenzekayo nezibhekena nabantu empiilweni, kubuye kube nzima ukwenza lokho, okungenza uhlale unale nkinga ngokuvamile. Ngakho kumqoka ukuthi uhlele kahle isikhathi sakho sokulala ngokwanele.
  2. Inkinga yokuphazamiseka ekulaleni kwakho: Kwesinye isikhathi kusuke kungesikhona ukuthi awulali ngokwanele, kepha kuba ngenxa yokuthi usuke uphazamiseka njalo uma ulele - okungaba wukuqwasha, noma kuphazamiseke indlela ophefumula ngayo, kuqondane nesikhathi ulele - bese uyaphaphama, okugcina kunciphisa isikhathi sakho sokulala. Ngakho uma unalezi zinkinga, noma unenkijnga yokuzizwa ukhathele njalo uma uvuka, noma inkinga yokozela nje kube kuqhubeka usuku - xhumana nodokotela wakho ukuze usizakale ngendlela efanele.
  3. Kokunye kusuke kuwuphawu lokugqilazeka komqondo: Ukuzamula kakhulu nangokweqile kubuye kube yindlela umzimba wakho okhombisa ngayo ukuthi ukhathele noma ugqilazekile emqondweni, okudalwa wukuba nexhala noma uma kukhona into ekutatazelisayo neyenza ukuthi ungakhululeki - umzimba wakho wenza inhliziyo yakho ishaye ngamandla futhi uphefumulele phezulu, bese ukuzamula kuba yindlela umzimba ozama ngayo ukwehlisa leyo nkinga ngokwawo. Lokhu futhi ungakuqaphela ngokuthi uzamule kakhulu njalo uma uzoya emhlanganweni, uzobhala isivivinyo noma ubhekene nesimo esikuhlalise ngesinqa esisodwa. Lokhu ungazama ukukunqoba ngokuzijwayeza ukuphefumulela phezulu, uzindle noma wenze i-yoga ukuzama ukunciphisa ukugqilazeka onakho emqondweni nasegazini.
  4. Imishanguzo ethile ingadala lesi simo: Eminye imishanguzo esiyisebenzisayo iyaba nomthelela wokuthi umuntu azamule ngokweqile, ngakho uma uqaphela lesi simo emva kokuqala ukusebenzisa imishanguzo ethile, ungayeki ukuyisebenzisa - kepha khuluma nodokotela wakho ukuze akucebise ngokungase kukulekelele.
  5. Kungaba yinkomba yesifo onaso: Nakuba ukuzamula kukodwa kungelona uphawu lokuthi unesifo senhliziyo, kodwa kukhona izimo lapho uma kwenzeka ngokuvamile kakhulu khona kungagcina kuba nomthelela omubi enhliziyweni yakho. Lokhu akuvamile, kodwa uma kwenzeka ukuthi ukuzamula kwakho kuhambisana nobuhlungu esifubeni, kukuphathisa ngesiyezi noma kwenze ukuthi uphelelwe wumoya, kusho ukuthi sekumele usukume ngokushesha ukuze kulungiseke.
  6. Kokunye nje kudalwa wukuthi vele kuyathelelana: Kwesinye isikhathi ukuzamula nje kuba ngenxa yokuthi kuyathelelana, okungenzeka ngokuthi ubone umuntu ezamula, noma uzwe umuntu ekhuluma ngakho noma ngisho ufunda ngakho encwadini - kuvele kube sengathi nawe ungakwenza. Ngakho kuhle ukuzihlupha ngakho ukuze uqonde umehluko wakho konke, futhi ukwazi ukulungisa uma kubikezela inkinga.