Impilo Yabantu Ezempilo

Ukuhlala ndawonye ohambweni kungamisa igazi ndawonye emzimbeni

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bacebisa abantu ukukhuthala ukuzivocavoca ukuze bagweme ukugoqana komzimba nokuma ndawonye kwegazi emzimbeni

Image: SITHUNYELWE

AKUKHATHALEKILE ukuthi uthatha uhambo olude ngebhanoyi noma ngemoto, noma uhlezi amahora amaningi ebhasini noma etekisini; kodwa nje ukuhlala isikhathi eside endaweni eyodwa, kungenza ukuthi kwehle indlela igazi lakho eligijima ngayo emzimbeni  wakho, okungakufaka engozini yokuthi igazi lime ndawonye lingagijimi (blood clots).

Lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health uMnuz Murray Hewlett, exwayisa futhi ecebisa abantu ngobungozi balesi simo ikakhulu kulabo abakhonze ukuhamba ibanga elide noma abaphila impilo edinga ukuthi benzenjalo.

Iyini i-blood clot?

-I-blood clot yisimo esenzeka uma igazi lima ndawonye egazini lize lakhe igquma elinjengethumba, elivame ukumila emlenzeni noma okhalweni. Uma lesi simo senzeka singenza ukuthi igazi lingabe lisagijima ngendlela efanele emzimbeni, okungenza ukuthi kuze kuthinteke namaphaphu imbala, bese kukuqhatha nesifo esibizwa nge-pulmonary embolism.

Nazi izimpawu ezivamile zalesi simo:

  • Ukuvuvukala emlenzeni owodwa, okuvame ukwenzeka ngezansana kwedolo.
  • Ubuhlungu emzimbeni ikakhulu kwesingezansi, kodwa ube ungalimele ndawo.
  • Ukuba manzi emlenzeni, kushintshe nombala kube bomvana.
  • Ukuphelelwa wumoya esikhaleni nje, nobuhlungu esifubeni.

 

Nazi izindlela ongazisebenzisa ukugwema i-blood clot:

1. Hlale unyakazisa umzimba: Qinisekisa ukuthi awulokhu uhlezi ndawonye, ngakho zisize ngokuthi ubuye usukume nje, unyakazise umzimba wakho, ukusiza ukugwema ukuma kwegazi ndawonye ngenxa yendlela osuke uhlezi ngayo. Ungazama ukunyakazisa umzimba okungenani kanye njalo ngehora. Uma usebhanoyini sukuma unyakaze, uhambe nje ephaseji uma kuphephile ukwenza lokho, welule imilenze yakho, bese ugwema ukuhlale uyigoqile sakuyiphambanisa isikhathi eside uma uhlezi phansi. Uma uhamba ngemoto noma ugibele isithuthi somphakathi, phumula emva kwamahora amabili, welule umzimba kusuka kwesingenhla kuze kufinyelele ezansi.

 2. Phuza amanzi, ugweme utshwala neziphuzo ezine-caffeine: Ukungabi nesilinganiso samanzi esanele emzimbeni wakho kungenza ukuthi kube lula ukubanjwa yilesi simo, kanti futhi kulula nokukhohlwa wukuphuza amanzi uma uthatha uhambo olude. Ngakho qinisekisa ukuthi unesigubhu sakho samanzi ozolokhu uwaphuza ube uqhubeka nohambo lwakho. Zama ukunciphisa ophuzweni oludakayo naseziphuzweni ezine-caffeine, njengoba nazo zihlupha ngokuthi zenze kwehle isilinganiso samanzi adingekayo emzimbeni phecelezi i-dehydration. Phuza nje amanzi ngokuvamile, ungalindi ukuthi uze wome kakhulu andukuba uthole amanzi.

3. Gqoka izimpahla ezilula: Izimpahla ezikubambayo ikakhulu emathangeni nasokhalweni zingenza ukuthi igazi lingahambi kahle emzimbeni. Izimpahla ezilula nezishayisa umoya zingasiza kakhulu ikakhulu ebantwini abaneminyaka engaphezu kuka-40, abesifazane abakhulelwe, abantu ababhemayo, abakhuluphele ngokweqile nakulabo abanomlando wokuhlushwa yilesi simo.

4. Yazi ukuthi ulengela kangakanani kule ngozi: Noma wubani angaba nale nkinga, kepha kunabantu abalengela engozini yaso kakhulu kunabanye, ikakhulu uma bethatha uhambo olude. Ingozi iba nkulu uma kuwukuthi sake sakuhlupha lesi simo phambilini, nokuthi uma uke wahlinzwa noma walimala emlenzeni, noma uma kuwukuthi kunomuntu oseke waphathwa yilesi simo emndenini wakho. Uma nje kuwukuthi ungena kulezo zimo, xhumana nodokotela wakho njalo andukuba uthathe uhambo olude, ukuze asize akucebise ngamansu nezindlela ongazisebenzisa ukuziphephisa. Kanti futhi uma kwenzeka uqaphela izimpawu zalesi simo ube usohambweni lwakho, funa usizo lwezempilo ngokushesha.

Nakhu futhi okunye okumbalwa okungakusebenzela ohambweni:

  • Gwema ukusebenzisa amaphilsi okulala uma usohambweni.
  • Zelule kaningi kusuka uhambo lwakho luqala luze luyophela.
  • Yidla ukudla okulula nokungekuningi, ukugwema ukuphazamiseka kwendlela igazi lakho eligijima ngayo emzimbeni.
  • Uma usebhanoyini, etekisini noma ebhasini, khetha isihlalo esiseduze ne-passage ukuze kube lula ukusukuma, uzelule uhambe welule izinyawo.