UKUZIVOCAVOCA ube udla ukudla okungenampilo kufana nokuthela amanzi emhlane wedada,
Image: TIMOTHY BERNARD
NJALO uma kuqala unyaka nonyaka abantu basuke benezinto eziningi abahlela ukuzenza nokuzifeza ngempilo yabo, ukuze babe ngcono kakhulu kunabayikhona, nokuthi bakhuphukele kwesinye isigaba sempilo noma bathuthuke ezintweni ezahlukene abayizona.
Okunye kwalezo zinto ezigqamile nokwaziwayo ukuthi abantu bavame ukushisekela ukuthi bazenze wukugxila ekuzivocavoceni ngenhloso yokubukeka kahle, noma ukuthi umzimba wabo ubukeke ngendlela ethile nokuthi baphile nje impilo ecolekile engenachashaza.
Nokho kuyiqiniso elingephikwe ukuthi akuwona wonke umuntu oqala lolo hambo aze afike emaphethelweni kwabevele eshisekela ukukufeza ngalo, njengoba kuba khona abantu okuthi uma umuntu eseqalile ukuhamba le ndlela, ngenxa yobude bayo - asale endleleni.
IUngoti wezempilo onamava kulo mkhakha, uNksz Nontuthuko Mashimane, uthe enye yezinto ezingasiza abantu abafuna ukuphila ngale ndlela wukuthi andukuba umuntu aze acabange ukuqala uhambo lokuzivocavoca endaweni yokujima, kumele aqale ngokwenza okuncane nokungenzima okuhambisana nalolu hambo ukuze angazizwa egqilazekile kakhulu.
UNGOTI wezempilo uNksz Nontuthuko Mashimane, namasu angasiza abantu ukuzivocavoca ngendlela engenzima nengagqilazi kakhulu
Image: SITHUNYELWE
“Ngicabanga ukuthi indlela elula yokuqala lolu hambo wukuqala ngokuthola indawo ephephile neqondile, okungaba yigceke lakini noma inkundla yezemidlalo eseduze nje, lapho ongaqala khona ngokuthi uzijwayeze ukuhamba nje usheshe, wenzele ukuthi umzimba wakho ujuluke, ongakwenza uqala emizuzwini ewu-30 kuya phezulu.
“Nasendlini lapho uhlala khona ungathenga i-skipping rope, usisebenzise ukugxumagxuma ngaso imizuzu ewu-10 kuya kwewu-15, ube uzidlalela umculo omnandi nowuthandayo ukuze kungazweli ubunzima bento oyenzayo. Uma futhi kunamasitebhisi kini noma ngakini, nawo ungawasebenzisa ukuwenyuka nokuwehla ukugijimisa igazi unyakazise nomzimba kancane, kancane kuze kufike esigabeni lapho usujwayele ukwenza konke lokhu,” kusho uNksz Mashimane.
Eqhuba, uthe elinye icebo elingakusebenzela uma ufuna ukuqala lolu hambo, wukuluqala ndawonye nezingane zakho, wenze nabo lokho okuncane nokungenzima, okungakusiza ngokuthi uma sezijwayele zizokukhuthaza zikukhumbuze ukuthi nihlale nikwenza.
“Gwema nokuhlala endlini isikhathi eside, kunalokho zijwayeze ukuphumela phandle ubone futhi uhlangane nabantu abaphila le mpilo ofuna ukuyiphila, okuzokusiza ukuthi ukhuthale futhi ukhuthazeke ukuhamba ezinyathelweni zabo ukufeza lokho okufunayo,” usho kanje.
“Khumbula ukuthi geke ulubone ushintsho empilweni yakho uma ukuzivocavoca kwakho kungahambisani nokudla ngendlela enempilo, ngakho kuhle futhi ukuthi konke okwenzayo, kuhambisane nokugwema ukudla okuyingozi emzimbeni wakho, ngoba ukuzivocavoca ube udla ukudla okungenampilo kufana nokuthela amanzi emhlane wedada, okungenza ukuthi uze ubone sengathi ukuzikhandla kwakho akunazithelo,” kulanda yena.
Uthe enye ingozi ngokudla esikudla nsuku zonke okungenampilo wukuthi akugcini ngokukhuluphalisa kuphela, kepha kuhlupha nangokuthi kudala izifo eziyingozi kubalwa isifo sikashukela, nesifo somfutho wegazi ophezulu.
“Ngakho asizijwayeze ukuvuka njalo ekuseni siphuze amanzi afudumele, siwafake nolamjula noma iqhuzwana likasawoti omahhadla, ukusiza ukuthi umzimba wakho nje uthole amandla nomdlandla owudingayo. Okunye futhi okuyinkinga enkulu wukuphuza utshwala, ngoba nakho kubuyisela emuva uma ufuna ukuphila impilo ecolekile,” kucebisa uNksz Mashimane.