ONGOTI bezempilo bathi ukuqinisa ekudleni okunempilo ngenye yezindlela ezingasiza ukubuyisa amandla nomdlandla emzimbeni wakho ngalesi sikhathi
Image: SITHUNYELWE
EMVA kwamaholidi kaKhisimusi noNcibijane, lapho obekujatshulwa khona kudliwa ukudla okunhlobonhlobo, oncamnce futhi kuphuzwa nokulala - kujwayelekile ukuthi abantu baqale unyaka omusha bezizwa bekhathele, bequnjelwe futhi bengenamdlandla.
Umzimba wakho usuke usebenza kanzima uzama ukukhuculula udoti nalokho ongasakudingi ngaphakathi kuwona usebenzisa isibindi, izinso uzama nokugaya ukudla - kodwa emva kwesiphithiphithi samaholidi lokho kungaba nzinyanga futhi kudinge ukuthi kwenziwe ngenye indlela nangokwedlulele ukuze kufezeke kahle.
Lokho kushiwo wuMnuz Murray Hewlett, isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, ngenkathi exwayisa futhi ecebisa abantu ngokumele bakwenze ukuzihlanza nokukhuculula konke ukungcola okungasadingeki emzimbeni manje, ukusiza ukuthi umzimba ubuyelwe amandla, bakwazi ukumelana nonyaka wonke.
U-Hewlett uthe lokhu akudingi ukuthi uze uzixine ngokudla ngendlela ethize kuphela noma ukuzihlukumeza ngokudla noma ukungadli izinhlobo zokudla okuthile, kuphela nje kudinga ukuthi unike umzimba wakho ikhefu, futhi uwuvumele ukuthi ubuyise amandla aselahlekile.
Amanye amathiphu angakusebenzela ukwenza lokho:
1. Phuza amanzi kakhulu ukhuculule ukungcola egazini: Emva kwesikhathi eside uzibusisa ngeziphuzo nokudla okunosawoti, ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni kuvame ukuba ngenye yezinkinga ezihluphayo ngalesi sikhathi. Ngakho kuhle ukuthi uqinise kakhulu emanzini manje ukusiza ukuthi izinso zakho zikwazi ukukhiphela ukungcola ngaphandle, ngakho zibekele okungenani umgomo wezingilazi eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili zamanzi njalo ngosuku, bese uyedlulela kulokho uma uwumuntu ozivocavocayo noma uba nesikhathi eside uselangeni. Ungaqhubekela futhi kulokho ngokuthi njalo ekuseni uqale ngokuphuza amanzi afudumele, uwafake ulamula, okusiza ukuthi ube nomdlandla, uzizwe unamandla futhi kusiza nangokwenza ukuthi uhlelo lokugaya ukudla emzimbeni luhambe kahle.
2. Buyela ekudleni okunempilo nokunika amandla: NgoDisemba abantu basuke bezifuqa ngezicoficofi zokudla okumnandi kepha okungenayo impilo edingwa wumzimba, ngakho manje yisikhathi esihle sokugxila ekudleni okunempilo okuzonika umzimba wakho amandla owadingayo. Gcwalisa ipuleti lakho ngezithelo, imifino nokunye okudla okunempilo.
3. Beka eqhulwini ukulala ngokwanele: Sonke siyazi ukuthi ngezikhathi zenjabulo siba sincane isikhathi sokuphumula ngoba kusuke kumatasa futhi kuphithizela, okwenza ukuthi abantu baqale unyaka omusha bekhathele. Ngakho zama ukuthi ulale okungenani amahora ayisikhombisa kuya kwayisishiyagalolunye ukuze uphumule ngokwanele, futhi uchilize konke okungase kube yisithiyo ekulaleni kwakho njengokuthi ufake umakhalekhukhwini wakho ku-silent noma uwucishe ukuze ungaphazamiseki uma ulele.
4. Nyakazisa umzimba wakho: Uma ukade uzihlalele ngalama holidi ungenzi lutho olutheni, kungaba yisikhathi esihle manje ukuqala futhi ujwayeze umzimba wakho ukuwunyakazisa, Ungaqala kancane ngokuthi uhambe nje welule izinyawo noma imizuzu ewu-30, uzelule usekhaya noma endlini yakho uze wejwayele.
5. Yehlisa ezikanjini zikaFaro naseziphuzweni ezine-caffeine: Nika umzimba wakho ithuba lokuthi ubuyelwe ngamandla ngokuhlaba ikhefu otshwaleni, uzame nokushintsha kancane iziphuzo ojwayele ukuziphuza ikakhulu lezo ezine-caffeine - bese uqinisa kakhulu emanzini ahloliwe anempilo, uwafake no-cucumber.
6. Hlela isikhathi nodokotela: Ukuhlale, uhlale ubonane nodokotela ukuhlola ukuthi konke kusahamba kahle yini emzimbeni wakho kungasiza ukuthi kusheshe kutholakale inkinga uma ikhona emzimbeni wakho, bese uyasizakala.