KUMQOKA ukuthi abantu abadala bahlale beqaphile konke okwenzeka ngendlela ehlukile ezinganeni ukuze kusheshe kulungiseke uma kunenkinga
Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT NEWSPAPERS
UKUGQILAZEKA komqondo okweyamene nesikole nokwenzeka esikoleni kulokhu kuqhubeke njalo nokuba yinkinga emphakathini, okudalwa kakhulu yingcindezi yezifundo.
Lokho kushiwo ngabenhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organization (WHO), lapho bedalule khona ukuthi ukugqilazeka emqondweni nezinye izimo ezithikameza ukusebenza komqondo ngendlela efanele nejwayelekile kuyaqhubeka nokwanda emhlabeni wonke, njengoba kuvele ukuthi oyedwa ebantwini abasha abayisikhombisa unenkinga yalokhu.
I-WHO idalule nokuthi kwezinye izindawo nakwamanye amazwe lokhu kuyanda kakhulu ngenxa yengcindezi yesikole, ububhoklolo ezikoleni, ingcindezi yezivivinyo zamakota amane onyaka nezingqinamba ezithile ezibhekana nezingane emakhaya.
Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe ukugqilazeka emqondweni noma ukhwantalala kuhlasela izingane nabantu abasha, okuvame ukuthi abantu abaningi bakushaye indiva ngoba bezitshela ukuthi kusuke nje kuyinselelo engatheni eyingxenye yokukhula, kanti akunjalo.
“Inkinga ngezingane ezincane wukuthi azihlale zinamazwi okusho ukuthi zizizwa kanjani, yingakho kumqoka ukuthi abantu abadala bahlale beqaphile konke okwenzeka ngendlela ehlukile ezinganeni ukuze kusheshe kulungiseke uma kunenkinga,” kucebisa uHewlett.
Nazi izingququko okumele uziqaphele:
Ezinganeni ezineminyaka eyisithupha kuya kwewu-12 kuba nje:
Kwabaneminyaka ewu-13 kuya ku-18 kuba nje:
Izimpawu ziyavela nangezinguquko ezithile emzimbeni:
Ukugqilazeka emqondweni ngenxa yesikole kwesinye isikhathi kuziveza emzimbeni, ikakhulu ezinganeni ezingakwazi ukubhoboka ngokuzihluphayo. Uma umzimba usugqilazwe yizinto eziningi, uveza lokho ngokuthi ugule okungaba wukuphathwa yisisu, yikhanda, ukungakwazi ukulala noma uphuphe kabi, nokuhlala ukhathele. Abazali abaningi kumele baqaphele futhi basukumele lokhu uma kuvame ukwenzeka ngezikhathi zasekuseni.
Izimpawu eziziveza ngokomoya:
Izingane ezigqilazekile emqondweni ezingakwazi ukubhoboka ngakho zingabonakala nangokuthi umntwana ahlale ekhathazekile futhi ebonakala esaba nje, noma kuthi kungonakele lutho - avele akhale, kokunye angazethembi, noma asheshe ukuphatheka kabi uma kukhona aboniswa kukho.
Izinguquko ezifundweni esikoleni:
Kwezinye izingane ukugqilazeka emqondweni kwenza ukuthi umntwana angabe esenza kahle ezifundweni zakhe esikoleni, kuthi kukade kwaziwa ukuthi ubenza kahle ezifundweni, avele ashintshe esikhaleni - angabe esaphasa noma enze ngendlela avame ukwenza ngayo.
Kokunye kwenza angakhululeki nabantu:
Lokhu kwenzeka kakhulu uma umntwana enenkinga yezinye izingane ezimhlukumeza ngobubhoklolo esikoleni, okwenza nokuthi angabe esafuna ukuhlala nontanga yakhe, aqoke ukuzivalela endlini ahlale yedwa ngoba ebona sengathi yikhona okungcono kakhulu.
Ungamsiza kanjani umntwana wakho kulesi simo?