Impilo Yabantu Ezempilo

Kukhalwa ngobudedengu kwabakhulile kuteta izingane ezingu-130 ngoKhisimusi

Gcwalisile Khanyile|Published

Zithole izipho izingane ezizalwe ngoKhisimusi

Image: Sithunyelwe

ONGOTI bezempilo ababhekele inhlalakahle yezingane nabantu abasha sebekhiphe isexwayiso nezinsolo zokuthi ukwanda kwentsha ekhulelwayo eNingizimu Afrika kungenxa yokuthi ilala nabantu abadala kakhulu kunabo. Lokhu kuyenzeka kuphambane nomthetho wezwe ngenxa yeminyaka yabathintekayo bese kuthathwa ngokuthi usuke umdlwengulile lowo muntu, kungakhathalekile ukuthi bekuvunyelwene yini naye noma cha.

Labo ngoti basho njalo bephefumula malungana nezibalo ezisanda kukhishwa ngaboMnyango wezeMpilo ezidalule ukuthi ngoKhisimusi kuphela nje angaphezu kuka-130 amantombazane abelethile. Lokhu kusho ukwenyuka kwesibalo sawo uma uqhathanisa nawu-90 abeletha ngosuku olufanayo lukaKhisimusi ngo-2024.

Bathe nakuba lezi zibalo zosuku olulodwa zingasho ukuthi kuhlale kunjalo noma kungenjalo nsuku zonke yini, kodwa ziyakhombisa ukuthi kuningi okudinga ukufakelwa izibuko ngokwanda kwezingane ezizibandakanya ocansini, zize zikhulelwe zincane.

Umqondisi wenhlangano engenzinzuzo iSonke Gender Justice, uMnuz Bafana Khumalo, uthe izigameko eziningi zokukhulelwa kwamantombazane amancane zenzeka ngenxa yokuthi asuke elale nabantu abadala kakhulu kunawo. Ukhuthaze abantu ukuthi bangafeli ngaphakathi ngalesi simo kepha basisukumele ngokushesha ukusilungisa.

“Inselelo enkulu wukuthi umphakathi awuzinaki lezi zimo, bese uvumela abenzi bokubi ukucanasa nokwenza noma yini. Siyazi futhi ukuthi kwesinye isikhathi abazali uqobo abashaya indiva lezi zimo ngenxa yobubha. Basuke benzela ukuthi labo benzi bokubi baqhubeke nokubondla noma ngokubasiza ukuxosha ikati eziko,” kusho uKhumalo.

Uthe okunye okuyinkinga wukuthi abanye abantu abasha abakhulelisanayo basuke bekwenza ngoba befuna ukuzwa nje ukuthi ukuzibandakanya ocansini kunjani. Uthe lokhu kukhomba isidingo sokuthi bafundiswe zisuka nje ngobungozi bokuzibakanya ocansini ikakhulu olungaphephile.

UNksz Nqobile Kweyama, umeluleki wezengqondo futhi ofundisa e-University of Johannesburg, yena uthe lezi zibalo eziphezulu kangaka zabantu abasha nezingane ezincane ezikhulelwa, zizale kungakabi yisikhathi esifanele - kudinga ukufakelwa izibuko.

Uthe uma kulokhu kwanda izingane ezincane ezikhulelwayo, zisale zisencane futhi kungabi bikho okwenziwayo ukunqanda lokho, kuzogcina kwenza ukuthi kubukeke sengathi kuyinto enhle, okungenza kube lula nokuthi ontanga bazo balandele kalula ezinyathelweni zabo.

“Abantu abasha ababheki ubukhulu bezibalo kanjengoba thina senza, kepha babona into eyenzeka phambi kwabo bese nabo bebona kuyinto enhle nokumele bayenze ikakhulu uma kungekho muntu oyikhuzayo noyinqandayo. Yingakho nje sikulesi simo esikusona manje, lapho abantu abasha bekhulelwa nsuku zonke sengathi yinto enhle,” kusho uNksz Kweyama.

Udalule ukuthi isigaba sokuthomba kwengane, okungaba ngeyomfana noma eyentombazane, sibucayi kakhulu. Uthe kulapho okwenzeka khona izinguquko eziningi emzimbeni, emqondweni futhi kushintsha okuningi ngendlela aphila nenza ngayo izinto.

“Manje thina emphakathini esiphila kuwona, kuningi okuphazamisa umntwana uma eseneminyaka ewu-14 kuya phezulu. Owentombazane nje wuyena oyaye athwale kanzima kakhulu ngenxa yenqwaba yemithwalo yomsebenzi anikezelwa ngawo sengathi usewumama vele kanti cha, esikhundleni sokuthi ngabe ufundiswa izinto kancane, kancane nangendlela engezukumgqilaza agcine esezibona ewumama uqobo,” usho kanje.

Ucebise abazali ukuthi bangakwenqeni ukufundisa izingane zabo ngezocansi, futhi bazixwayise ngobungozi bazo, ukwenzela ukuthi kungabi lula ukuthi zidlale abantu.