Ebumnandini
Image: Sigciniwe
UKUZIZWA unomuzwa wokujabha noma wokucasuka ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka yisimo sokuhlukumezeka emqondweni esihlupha abantu abaningi.
Kwesinye isikhathi siyaye sidalwe yizinto eziningi ezilindelwa ngabantu nomndeni wakho kuwena, kanjalo nezinkinga zezezimali ziyenza ukuthi umuntu agqilazeke emqondeni.
ENingizimu Afrika akufani nakwamanye amazwe asenyakatho yebalazwe, lapho lesi simo siphatha khona abantu ebusika, njengoba lana uma kuwuDisemba kujwayele ukushisa ilanga kakhulu, kanti ukushisa nje kukodwa kuyasibhebhethekisa lesi simo.
Lokhu kuvezwe wucwaningo olwenziwe ngabenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organization (WHO), obelubheka ukwanda kwezigameko zabantu abaphathwa yizifo eziyamene nokuthikamezeka kokusebenza komqondo nokunye okusondelene nazo.
I-WHO idalule ukuthi ukushisa ngokweqile kuphazamisa indlela umuntu ajwayele ukulala ngayo, kudale ukuthi acasuke kalula nangobala futhi kwenza kube lula ukuthi asheshe ukukhathala.
Umthelela wokuzijabulisa ngotshwala:
Inyanga uDisemba enye yezinyanga zonyaka lapho kuthengwa kakhulu khona utshwala, okusho ukuthi abantu abaphuza ijiki basuke bephuza cishe nsuku zonke futhi beqisa kakhulu esilinganisweni esifanele nesingenabungozi.
Ngokusho kwe-Heart and Stroke Foundation South Africa; ukuphuza ngokweqile kubeka engcupheni ezekokuphepha emgwaqweni, kwenze ukuthi ungakwazi ukulala kahle, ucasulwe wubala. Uzizwe ucindezelekile emqondweni futhi wenze nezinto ongazicabangasisanga.
Yingakho kukhuthazwa ukuthi ukuze kugwemeke lezo zimo, umuntu akazikalele utshwala azobuphuza, uphuze namanzi anele abe eqhubeka notshwala bakhe, bese eba nohlelo oluqondile lwemoto azoyigibela uma esebudlonyile, hhayi ukushayela ebukhile.
Ukuphazamiseka kokulala nokukhathala:
Lesi sikhathi yilapho abantu bevame ukulala ebusuku kakhulu, bangadli ukudla ngesikhathi esifanele abajwayele ukudla ngaso futhi kwenze nokuthi ngesikhathi okungabe balele ngaso - kube wukuthi basabhekile noma bayahamba imbala. Konke lokho kuthiya indlela umzimba wabo osebenza ngayo.
Lokhu ungakugwema ngokuthi uqhubeke ulale futhi uvuke ngesikhathi owejwayele ukwenza lokho ngaso, uqikelele ukulala amahora ayisikhombisa kuya kwayisishiyagalolunye, bese ugwema ukugqolozela i-screen ngaphambi kokulala.
Ukwesela imali nezinkinga zomndeni:
Ingcindezi yokungabi nayo imali ekupheleni konyaka, umthwalo wokukhokhela izindleko zezikole zokuqala konyaka omusha nokunye nje okudinga imali ngalesi sikhathi - kungenza ukuthi ugqilazeke emqonweni. Kanti kwabanye wukuthi ngalesi sikhathi bazizwa bebodwa futhi bengathandwa ngenxa yokuthi mhlawumbe isikhathi siba yinkumbulo yabantu ababathandayo abangasekho emhlabeni abashona ngaso.
Okudinga ukwenze ngalesi sikhathi wukuba neqiniso kuwena nesimo obhekene naso, ungafuni ukwenza okungaphezu kwandla akho ukuze uzoba nokuthula emoyeni.
Nakhu okunye ongakwenza kukusebenzele ukugwema izinkinga;