KUKHUZWA ubungozi bokuziba imishanguzo kubantu ngenxa yokuzidumisa ngamaholidi
Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA
ONGOTI bezempilo baxwayisa abantu ngobungozi bokuziba imishanguzo yabo ngenxa yobumnandi bamaholidi kaKhisimuzi noNcibijane
Image: SITHUNYELWE
AMAHOLIDI kaKhisimuzi noNcibijane avame ukuba mnandi ebantwini abaningi abasuke bejabula nemindeni yabo nothandiweyo babo ngalesi sikhathi, kodwa futhi lesi yisikhathi esiyaye siphazamise okuningi kwendlela abantu abajwayele ukuphila ngayo nsukuzonke.
Lokhu kuyaye kuphazamise noma kuthikameze izinto eziningi zempilo yabantu ngenxa yokuthi ngalesi sikhathi abantu basuke behambela izindawo ezahlukene, abanye belala sekusebusuku kakhulu, nabanye abasuke bephuza utshwala - okugcina kuholela ekutheni umuntu akhohlwe wukuphuza imishanguzo yakhe esemqoka yempilo yakhe.
Lesi yisexwayiso esishiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abantu ngobubi nobungozi bokungasebenzisi ngendlela efanele imishanguzo yabo yezifo nezimo ezahlukene ezeyamene nempilo yabo, nokuwumgogodla wokuphila kwabo.
Kungani abantu beziba imishanguzo yabo ngalesi sikhathi?
Buyini ubungozi bokushalazela imishanguzo yakho?
Utshwala ngenye yezinto eziyingozi kakhulu nezidala ukuthi umuntu akhohlwe wukusebenzisa imishanguzo yakhe ngendlela efanele, kanti futhi bunomthelela omubi wokudala ukuthi uma ubuphuza bese usebenzisa imishanguzo yakho, kwenza ukuthi ingasebenzi ngendlela efanele, futhi kungakuthiya kakhulu esiswini sakho.
Kanti futhi uma uwumuntu okhonze ukuhambela ezindaweni ezahlukene neziqhelelene ungaba nenkinga yokukhohlwa ukusebenzisa imishanguzo yakho ngesikhathi esifanele, okudinga ukuthi ucuphe i-alarm yokuzikhumbuzisa isikhathi sokuyisebenzisa ukuze ugweme isimo sokukhohlwa njalo ukuyisebenzisa.
Xhumana nodokotela wakho ukuzwa ukuthi iyiphi imishanguzo okumele ume kancane ukuyisebenzisa uma kwenzeka uba nenkinga yokuguqukelwa yisisu noma kwenzeka uxinwa yisifo sohudo.
Uma kwenzeka ube nenkinga yobuhlungu obungabekezeleki esifubeni, ukuphelelwa wumoya, ukuzizwa untekenteke noma unenkinga yokungakwazi ukukhuluma kahle - xhumana nodokotela noma ufune usizo lwezempilo ngokushesha ukuze ugweme ukudloba komonakalo.