Impilo Yabantu Ezempilo

Ukudla ngokweqile kungaba yingozi

Simangaliso Ntshangase|Published

SITHUNYELWE UKUQAPHELA indlela odla ngayo kuyigxathi elibalulekile ukugwema ukukhuluphala ngokweqile

Image: SITHUNYELWE

UKUZIZWA usesimeni sokuthi sengathi ungalokhu udla ukudla nje kunoma yisiphi isimo obhekene naso, ngisho ungasaphushwa yindlala - akusahluphi abantu abadala kuphela, njengoba zilokhu zande njalo nezingane ezisebenzisa ukuthi zidle ngokweqile ukuzama ukumelana nesimo esithile umuntu asuke ebhekene naso empilweni.

Lesi simo senzeka ngokuthi esikhundleni sokuthi udle ngoba nakhu usulambile, izingane eziningi zidla ngisho noma zizizwa zibhorekile, zigqilazekile emqondweni, noma zicasulwe yinto ethile. 

Ukubamba umoya noma udle ngoba ulambile akunankinga, kepha uma ukudla sekuzoba yindlela yokubhekana nezimo ezithile, kungaqala lapho kube nomthelela omubi empilweni yakho kubalwa ukuthi ugcine ukhuluphala ngokweqile noma wehlelwe nawukuzethemba.

Lokhu kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abazali ngokuthi baqaphele lesi simo ezinganeni zabo ngenxa yomthelela waso omubi nongaba khona kuzona uma sidlebeleka futhi bengasinakile.

Ucwaningo lwenhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organization luveze ukuthi zingaphezu kuka-35 million emhlabeni izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ezinenkiga yokukhuluphala ngokweqile, okugcina kudala ukuthi kube lula ukungenwa yizifo ezeyamene nalokho kubalwa isifo sikashukela, esomfutho wegazi ophezulu nesenhliziyo uma sezikhulile.

I-Affinity Health ithe ngenxa yakho konke lokhu, kumqoka ukuthi abazali nabanakekela izingane baqaphe le nkinga kuzona, bese futhi befundisa izingane izindlela zokubhekana nezinkinga noma izinselelo ezithile ngaleso sikhathi ukugwema ukusebenzisa izindlela eziyingozi ukulungisa leso simo, kubalwa nakho ukudla ngokweqile okuyingozi.

Kungani kumqoka ukuthi abazali baqaphe lesi simo?

- Kungadala ukuthi umntwana akhuluphale ngokweqile, futhi kungenza nokuthi aphathwe yisifo sikashukela nesomfutho ophezulu wegazi.

- Kuyingozi nangokuthi uma uzohlale udla njalo, ugcina uba nenkinga yokungakhethi ukuthi udlani, okungenza kube lula ukudla noma yini oyithola ngaleso sikhathi, nengaba yingozi emzimbeni nasempilweni yakho.

- Kungenza ukuthi ungakwazi ukugxilisa umqondo wakho esikoleni nasemisebenzini yansuku zonke.

- Ukushintsha kwendlela obukeka ngayo emzimbeni, okungenza nokuthi wehlelwe wukuzethemba.

- Wukungakhuli ngendlela efanele.

Nazi izimpawu zale nkinga okumele uziqaphele emntwaneni wakho:

- Ukuncika ekudleni ngoba uzama ukuziba umuzwa othile.

- Uma umntwana wakho ejikela ekudleni njalo uma ediniwe, noma ebhorekile, kungesikhona ukuthi ulambile.

- Ukushintsha esikhaleni, ahlale ehalela izinhlobo zokudla okuthile.

- Ukuhalela ngokweqile ukudla okunoshukela, okunosawoti nokunamafutha.

- Ngokuthi umntwana wakho ajabule uma esedla, bese edinwa uma eseqedile.

- Ukungadli ngesikhathi esithile, bese umuntu edla kakhulu nangokweqile uma esedla.

Yikuphi ongakwenza ukusiza umntwana wakho kulokhu?

- Khuthaza umntwana wakho ukubhoboka ngokumhlupha emoyeni, ukusiza ukuthi angasebenzisi izindlela ezingalungile ukubhekana nobuhlungu.

- Uma umntwana wakho elambile, mnike ukudla okunempilo okuzomsuthisa, bese kuthi uma ehlale ehalela ukudla ngisho engalambile - umkhuthaze ukuziba lokho ngokuthi aphumele phandle ayodlala, adwebe noma enze okunye okweyamene nalokho ajabulelayo ukukwenza.

- Khuthalela ukupheka ukusiza ukuthi izingane ziyeke ukuhlale zidla noma yini ekhona neziyitholayo, kepha zidle ukudla okufanele nokunempilo.

- Khuthaza futhi uncome umntwana wakho ezintweni ezinhle azenzayo nazizuzayo empilweni ukumsiza ukuze ahlale ezethemba.