Impilo Yabantu Ezempilo

Gada umntwana wakho angaminzi ngala maholidi

Simangaliso Ntshangase|Published

ESIKHATHINI esikuso samaholidi kubalulekile ukuthi amehlo akho angasuki emntwaneni uma esuke ebhukuda

Image: SIGCINIWE

The NSRI uses a helicopter in the search for the missing fisherman in Gordon’s Bay.

Image: NSRI

ELINYE lamaswiimming pool agcwalayo ngesikhathi samaholidi kaDisemba

Image: SIGCINIWE

IZINDAWO zokubhukuda kubalwa nama-swimming pool ngenye yezindlela ezijabulisa abantu ngalesi sikhathi samaholidi kaDisemba nokuthwasa kwehlobo, kodwa futhi kukhona nobungozi okuhambisana nakho.

Leso yisexwayo esikhishwe ngabenhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organization, lapho beveze khona ukuthi ukuminza kwabasuke bebhukuda ngenye yezizathu ezihamba phambili eziholela ekutheni izingane zife, okufakazelwa wukuthi njalo ngonyaka kushona abantu abangaphezu kwa-300 000 ngenxa yokuminza, ingxenye yabo okuyizingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu okuyizona ezisengcupheni kakhulu.

Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe enye ingozi enkulu yalokhu wukuthi kweminye imizi bano-swimming pool emagcekeni, okuba yingozi ngokuthi kwesinye isikhathi uyaminza ubukade ungaqondile, okungaba ngokuthi ushelele ungene emanzini ngenxa yokukhathala nokujabula kuze kweqe.

"Iqiniso wukuthi lezi zigameko zenzeka mihla yonke, futhi kuvame ukuthi kungabi bikho muntu owexwayisa abantu ngazo, yingakho kusemqoka ukuthi kwaziswe abazali ngobumqoka bokunakekela izingane zabo, nokuqikelela ukuphepha kwezingane zabo kulokho," kuxwayisa uHewlett.

Kungani kumqoka ukuthola usizo lokuqala ngokushesha?

Usizo lokuqala lumqoka kakhulu esimweni esinjena, kanti futhi kuyasiza ukwazi okumele ukwenze ngaphambi kokuthi kufike abantu abaqeqeshelwe ukukusiza. Okunye kwalokhu ongakwenza wukuthi uzame ukusiza umntwana wakho angaphelelwa wumoya ongakwenza ngokumpitshiza esiswini nasesifubeni ukuze kuphume amanzi angene ngaphakathi kuyena.

Okunye okusemqoka okumele ukwenze ngalesi sikhathi wukuthi uzame ukuthi wonke umuntu ehlise umoya uma kusanelesi simo, bese uqikelela ukuthi nawe awubeki impilo yakho engcupheni lapho uzama ukusiza umntwana wakho.

Uma ubona ukuthi umntwana wakho akalamukeli usizo omnika lona, noma enenkinga yokuphefumula - fonela abosizo lokuqala ngokushesha. Kulele lapho-ke ubumqoka bokuthi uhlale unezinombolo zabosizo oluphuthumayo ukuze kusheshe ezimweni ezinjena.

Uma kuphephile, zama ukukhipha umntwana wakho emanzini ngokushesha. Lokho ungakwenza usebenzisa umshanelo wakwi-swimming pool, induku noma intambo azobamba khona bese umdonsela ngaphandle ngakho; kodwa ungazami ukusiza ngokuthi ungene emanzini ube wazi ukuthi awukwazi ukubhukuda, nalapho kungaphephile ukwenza lokho.

Uma usumkhiphile emanzini, mumbhathise ithawula elomile noma ingubo ukusiza ukuthi angaguliswa wukungenwa ngamanzi kakhulu.

Uma usufonela abosizo lokuqala, qikelela ukubanika isiqiniseko sendawo ohlala kuyona esiqondile ukuze bangaduki endleleni beza kuwena.

Nakhu okunye ongakwenza ukugwema lesi simo:

- Biyela i-swimming pool yakho ukuze kungangeneki kalula nanoma yikanjani kuyona.

- Ungashiyi izingane zodwa noma ngabe uphuthuma kuphi.

- Fundisa izingane zakho ukubhukuda zisencane ukuze zizokhula zikwazi ukubhukuda.

- Zifundise ukuthi zizivikele kanjani ezimweni ezinjena.

- Qhelisa amathoyizi nokunye kwezingane kokudlala ukusiza ukugwema ukuthi zilokhu zisondela eduze kwe-swimming pool noma yikanjani.