OGOGO kubalulekile ukuthi bahlale behlolwa
Image: SIGCINIWE
UDOKOTELA obheke izifo eziphazamisa ukusebenza kwengqondo, uDkt Denis Mutyaba uxwayisa abantu ngobungozi bokophela ngaphakathi
Image: SITHUNYELWE
IZIMPAWU zokulimala ekhanda ngaphakathi noma engqondweni kungaba nzima ukuthi zisheshe zibonakale ebantwini abadala, nokho futhi ukulandelela izindlela ezilula zongakwenza kungakusiza ukuthi kugwemeke lezo zinkinga.
Lokho kushiwo wuDkt Denis Mutyaba, udokotela weNetcare Unitas Hospital, ePitoli, obhekele izifo eziphazamisa ukusebenza kwengqondo, umgogodla nokunye okweyamene nakho, exwayisa abantu ngokumele bakuqaphele ukuze bagweme umthelela omubi walesi simo, nongaze udale ukuthi uphoqeleke ukuhlinzwa ukuzama ukukwelapha.
"Yingakho kumqoka ukuqaphela nokugwema izinto nezigameko ezingenza ukuthi uwe kabi phansi noma ushelele ngoba ukulimala okungenzeka lapho kungaba nomthelela omubi kakhulu nongashintsha impilo yakho yonke," kweluleka uDkt Mutyaba.
"Sekukaningi sibhekana nezimo ezinjena zabantu abasuke belimale ngaleyo ndlela, okuba wukuthi umuntu wopha ebuchosheni noma eduze nabo, okuwukulimala okuyingozi kabi, nokungaba nomthelela oyingozi kakhulu ngokuqhubeka kwesikhathi," kusho yena.
Uthe kudingeka ukuthi kuqashelwe kakhulu uma abantu abadala besebenzisa ama-anticogulant, imishanguzo evimbela ukopha, ngoba eminye yayo yenza ukuthi wophe kakhulu ngisho nasezimeni lapho ulimale kancane nje.
"Inkinga wukuthi kwesinye isikhathi kuba nzima elungwini lomndeni ukubona ukuthi uma mhlawumbe umuntu ekhubeke, wawa phansi ulimale kangakanani, nokuthi uyaludinga yini usizo lwabezempilo ikakhulu uma kungabonakali lutho olukhomba ukulimala. Kodwa okumele kwazeke wukuthi kungenzeka kungabonakali inxeba noma ubunjalo bomonakalo, kodwa kungenzeka kuye ngokuya kubonakale izimpawu zomonakalo," kuxwayisa yena.
UDkt Mutyaba udalule ukuthi izinkomba ezigqamile zalokhu zingabonakala ngokuthi umuntu abonakale sengathi udidekile nje emqondweni. Uthe: "Lokho kusho ukuthi basuke bedinga usizo lwezempilo oluphuthumayo, kanti futhi kuyasiza ukuthi basheshe bahlolwe ukuthi akonakalanga lutho yini olunganakekile.
Ezinye izimpawu kungaba wukuthi umuntu angakwazi ukulala kahle noma angakufuni ukudla. Kwabanye kuba nobuhlungu obunganqamuki emhlane.
UDkt Mutyaba udalule nokuthi ukuhamba kweminyaka kwenza ukuthi umuntu ehlelwe yizinga elifanele lomqondo, okungenza ukuthi ube sengcupheni sokungenwa kalula yizifo.
"Yingakho kumqoka ukuqikelela ukunakekela ingqondo yethu ngokuqaphela uhlobo lokudla esikudlayo, nangokuthi sikhethe kahle uhlobo lwempilo esiyiphilayo. Laba abanesifo sikashukela kumele bawulawule ungadli amagalane, bese kuthi uma unenkinga ye-cholesterol ephezulu ufune iseluleko kwabezempilo ukusiza ukuthi wehlise amathuba okuphathwa yisifo sohlangothi," kucebisa yena.
Amathiphu ongawasebenzisa ukugwema ukuwa uma usumdala:
- Ungahlali wedwa: Lokho kungaba nzima ngoba abantu abaningi asebekhulile bathanda ukuzihlalela ngabodwana, futhi baba nenkani uma sekuyisikhathi sokuthi bahlale nomndeni wabo. Kodwa ukuhlala nabantu abakuthandayo kungakusiza ukuze unakekeleke, nokuthi usheshe usizakale uma uba senkingeni enjena.
- Qoqa omata phansi: Labo abanakekela abantu abadala abaqikelele ukususa omata phansi, noma babeke ngokucophelela nangendlela engeke ibe yingozi kubona ngoba kungenza kube lula ukuthi bakhubeke bawe phansi balimale.
- Ungadlaleli ezitebhisini: Kunzima ebantwini asebekhulile ukukhuphuka ngezitebhisi ngakho akumele kube yinto abadlalela kuyona njalo, ngoba ngenye yezinto ezingenza kube lula ukuwa ikakhulu uma kungaselula kuwena ukubhalansa nokuzimela ngokwakho.
- Akukhanye ngokuphelele endlini: Qikelela ukuthi kuhlale kukhanya zikhathi zonke endlini ehlala abantu abadala, ukusiza ukuthi kube lula ukubhalansa nokugada ukungawi.