Impilo Yabantu Ezempilo

Unganqoba kalula uma ushesha ukusukumela umdlavuza wesikhumba

Simangaliso Ntshangase|Published

ODOKOTELA bakhuthaza ukuthi abantu bavame ukugqoka izingubo ezinemikhono emide nezigqoko ukugwema ukushiswa yilanga

Image: SIGCINIWE

ONGOTI bezempilo baluleka ngokuthi uma uzobhukuda kumele ugcobe ukhilimu ovikela isikhumba elangeni, akumele uhlale elangeni ungazivikeli ngoba lokho kungakubeka engcupheni yokuthi ube nomdlavuza wesikhumba

Image: SOGCINIWE

UMDLAVUZA wesikhumba usaqhubeka nokuba ngesinye sezinhlobo sezifo zomdlavuza ezigqamile nezinomthelela omkhulu ekufeni kwabantu kepha futhi esingesinye sezilapheka kalula nakakhulu emhlabeni jikelele - ikakhulu uma sisheshe satholakala kwesimphethe.

Lesi sifo sakheka futhi sizikholise emuntwini ngokuthi kukhule izinxayiya ezithile esikhunjeni ezingadingeki, okudalwa wukuzwela ukushisa kwesikhumba kakhulu kunokufanele.

Lokho kushiwo yisikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, ngenkathi exwayisa futhi efundisa ngobungozi balesi sifo esinezidumbu phansi.

"Umdlavuza wesikhumba ngesinye sezifo somdlavuza ongakwazi ukusilawula kalula nangokushesha uma usheshe wabhekana naso, lokho ongakwenza ngokuthi ubeke eqhulwini ukusinakekela, usebenzise izivikeli zesikhumba, ugqoke izimpahla ezivikela isikhumba sakho, bese futhi uhlale uqapha futhi uhlola ukuthi sisasesimweni esifanele yini," kusho uHewlett.

Eqhuba, uthe abantu abasengcupheni yokungenwa kalula yilesi sifo yilabo abakhanyayo ngebala,  abasebenzela ezimweni ezenza ukuthi babe phandle isikhathi esiningi, izingane ezichitha isikhathi eside zidlala elangeni nalabo abasemindenini enomlando wamalungu aseke aphathwa yisona eminyakeni edlule. Kanjalo nalabo abanebala elizothile kabaphephile kulokhu; njengoba nabo besengcupheni yokuthi sibahaqe ngakho nabo bayadinga ukuthi bazinakekele.

Zihlukene kathathu izinhlobo zesifo somdlavuza wesikhumba:

  1. Basal Cell Carcinoma: Lesi yisona esidume kakhulu, esivame ukuvela ngokuthi ubone usunamashamuza noma amapamuza esikhunjeni sakho, kokunye sivuvukale nje kube kungonakele lutho. Nakuba singavamile ukunabela kwezinye izingxenye zomzimba wakho kodwa singadala umonakalo uma ungaselaphi ngokushesha.
  2. Squamous Cell Carcinoma: Lesi sivame ukuvela ngokuthi kushintshe isikhumba sakho, sibe bomvu, sibe nombandamu, noma sivuvukale ngendlela eyenza ukuthi kube lula nokuthi sophe. Uma ungasisukumeli ngokushesha, sinabela kalula kwezinye izingxenye zomzimba wakho.
  3. Melanoma: Lolu yilona hlobo lwesifo oluyingozi kakhulu noluvame ukuvela ngokuthi kuqale kube nebala elithile eliwumbala omnyama noma ozothile kanti futhi lunabela kakhulu kwezinye izicubu zomzimba. Sihlupha ngokuthi uma ungaselaphi ngokushesha, singenza nokuthi uhaqwe nayizifo eziyamene nesikhumba.

Nazi izimpawu okungamele uzizibe ngalesi sifo:

- Ukuvuvukala esikhunjeni noma emzimbeni wakho okungalapheki.

- Ukushintsha kombala wesikhumba esikhaleni kungonakele lutho.

- Amabala nokushintsha kwesikhumba sibe bomvu, kokunye sophe ungalimele.

- Amabala angajwayelekile ngaphansi kwezinzipho, ikakhulu ebantwini abanebala elizothile.

- Ukulunywa emzimbeni, ukukhathala nobuhlungu emzimbeni.

- Ukuguquka kwesikhumba, siguquke nombala waso.

Ukusheshe usukumele lezi zimpawu kungasiza ukuthi kwelapheke isifo somdlavuza wesikhumba ngokushesha ngakho kudingeka ukuthi uhlale uhlola umzimba wakho kusuka ekhanda kuze kuyophuma ezinyaweni. Kusemqoka nokuqaphela nezinguquko namabala acashile angaba sezinyaweni ezinziphweni nasemlonyeni. 

Nakhu okunye ongakwenza ukuzivikela:

- Gqoka izigqoko zelanga, izibuko zelanga nezimpahla ezimboza izingalo nemilenze.

- Gwema ukuba selangeni phakathi kwa-10 ekuseni no-4 ntambama ngoba yilapho okusuke kushisa kakhulu khona.