ONGOTI bezempilo bacebisa ngomehluko phakathi kwamathansela nobuhlungu bomphimbo
Image: SITHUNYELWE
UMA wake waba nobuhlungu ongabuqondi kahle emphinjeni noma kube sengathi kunento emile kuwona, noma iphunga elibi elithaphuka emlonyeni wakho elinganqamuki, mhlawumbe kungenzeka ukuthi lokho kwenza wazitshela ukuthi kungenxa yokugula okuthile okweyamene nomphimbo.
Kodwa yazi ukuthi kungenzeka ukuthi kube wokunye okungale kwalokho, okungaba amathansela asamatshe phecelezi ama-tonsil stone.
Lokho kushiwo nguMnuz Murray Hewlett, isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, exwayisa abantu ngokumele bakuqaphele ukuze bakwazi ukubona umehluko phakathi kobuhlungu bomphimbo nokuphathwa amathansela.
"Abantu abaningi bavame ukwenza iphutha lokudidanisa ubuhlungu bamathansela nobomphimbo, ngakho kubalulekile ukuqonda umehluko walezi zimo ukuze ukwazi ukubona ukuthi unayiphi inkinga bese uthatha izinyathelo ezifanele welapheke ngendlela," kucebisa uHewlett.
Ayini wona amathansela?
Amathansela, abuye aziwe nangokuthi yi-tonsillolith, ngamapapamuza amise okwamatshe amila emminzweni. La matshe aya ngokuya ekhula, okuthi ngokuqhubeka kwesikhathi aqine, futhi azalane abe maningi ngaphakathi kuwena. La matshe awavamile ukuba buhlungu, kodwa kuyacika ukuba khona kwawo njengoba kwesinye isikhathi enza ukuthi ube nephunga elibi emlonyeni, enze nokuthi umphimbo wakho uminyane okudala ukuthi kungabi mnandi uma ugwinya ukudla noma okuphuzwayo.
Ngakolunye uhlangothi, ubuhlungu bomphimbo yisimo esivamile nje ebantwini abaningi, esidalwa ngamagciwane ahlala emphinjeni, avimbanisa khona bese kuba buhlungu, kube nzima ukugwinya ukudla noma okuphuzwayo, kanti futhi kwesinye isikhathi kwenza nokuthi kuze kuvuvukale emphinjeni noma intamo yonke. Omuye umehluko futhi wukuthi ubuhlungu bomphimbo buba nezinye izimpawu okubalwa kuzona ukuvaleka kwamakhala, ukukhwehlela nobuhlungu bomzimba.
"Omunye umehluko oqaphelekayo kulezi zimo zombili yiphunga elibi emlonyeni. Amatshe amathansela yiwona avama ukudala lelo phunga, bese kuthi ubuhlungu bomphimbo kwenze kube naphunga elibi emlonyeni, ngaphandle-ke uma kunesinye isizathu esifihlekile salokho. Amatshe amathansela enza ukuthi ungakhululeki nje kuphela kodwa kungabi bikho buhlungu, bese kuthi ubuhlingu bomphimbo budale ubuhlungu obungabekezeleleki ikakhulu uma ugwinya," kucacisa uHewlett.
Yinini lapho okusuke kumele ubonane nodokotela ngenxa yalezi zimo?
- Uma unobuhlungu obungabekezeleleki emphinjeni.
- Uma unomkhuhlane okumise kabi, ukukhwehlelisa.
- Uma unamabala amhlophe ngaphakathi emlonyeni.
- Uma unenkinga yokuphefumula noma yokungakwazi ukugwinya ukudla kahle.
"Nakuba amatshe amathansela engajwayele ukuthi kuze kudingeke usizo lwabezempilo, kepha udokotela angakusiza ukukucebisa ngokumele ukwenze ukuze ulungise leso simo ikakhulu uma kungukuthi siyaqhubeka futhi senza ukuthi ungakhululeki," kusho uHewlett.
Imikhiqizo yokuhlanza umlomo njengomuthi wokuxubha ne-mouthwash kungakusiza ukugwema amatshe amathansela. Kanti ezimeni ezibucayi kungadingeka ukuthi aze akhishwe amathansela ukuze welapheke.
Ukuphuza amanzi ngokwanele, ukuphumula ngokwanele nokusebenzisa imishanguzo yokuqeda izinhlungu kungezinye zezindlela ongazisebenzisa ukulwa nobuhlungu bomphimbo.