Impilo Yabantu Ezempilo

Ungalindi amathonsi abanzi ngokuziba eyomdlavuza womlomo wesibeletho

Simangaliso Ntshangase|Published

UMSEBENZI wezempilo uLungiswa Tiwane echaza kabanzi ngomdlavuza wesibeletho kwabesifazane baseKhayelitsha

Image: SIGCINIWE

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, u-Aaron Motsoaledi, wathwetshulwa egoma enye yamantombazane

Image: SITHUNYELWE

NJENGOBA uSepthemba waziwa nangokuthi yi-Cervical Cancer Awareness Month (iNyanga yeSifo soMdlavuza ongomlomo wesibeletho), kusemqoka ukuqonda ukuthi ukuhaqwa yilesi sifo somdlavuza womlomo wesibeletho akusho ukuphela kwethemba lokuba nomndeni. 

Lokhu kungenxa yokuthi uma ungowesifazane uzinakekela kahle futhi usheshe uthole ngalesi sifo, bese uzinakekela ngendlela oyalelwe ngabezempilo ngayo, ungasizakala ukugcina inzalo yakho noma futhi ukwazi ukubheka ezinye izindlela zokuba wumzali ongazisebenzisa.

Lokhu kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, ngenkathi bexwayisa abantu ngaso okuhambisana nalo mkhankaso waminyaka yonke owenziwa ngale nyanga ukuzisa kuthi baqonde ngaso nokuthi sihaqana kanjani, nokuthi kungenziwa njani ukusigwema.

Siyini sona lesi sifo?

I-Cervical Cancer wuhlobo lwesifo somdlavuza womlomo wesibeletho esihaqana ngokuthi kube nezinhlayiya ezakhele emlonyeni wesibeletho, okuyaye kudalwe kakhulu wukunabela emzimbeni kohlobo lwegciwane elibizwa nge-human papullomavirus (HPV), elingelinye lamagciwane avame ukuthathelana ngocansi.

Okuhle nokho wukuthi lesi sifo siyagwemeka futhi siyelapheka uma kusheshe kwatholakala ukuthi unaso. Ukusebenzisa imikhiqizo ye-pap smear nokuhlolela i-HPV, kokubili ongakwazi ukukwenza kalula emitholampilo yohulumeni nasezikhungweni zempilo ezizimele, kusiza kakhulu ukusheshe uthole ngalesi sifo, bese ubhekana naso ngempumelelo. Kanti ikhona nemijovo yokuvikela ukungenwa yi-HPV okusiza ukunciphisa amathuba okuhaqwa yilo mdlavuza ngokuqhubeka kwesikhathi empilweni yakho. 

Nakuba ukuhlenga impilo kusemqoka uma usuthole ukuthi unaso kepha abe-Affinity Health bathi uma usewumuntu wesifazane osemusha, ukuqinisekisa ukuthi inzalo yakho ayiphazamiseki iyona nto esemqoka kakhulu kuwena.

ICervical Cancer iyiphazamisa kanjani inzalo yakho?

Umthelela walesi sifo enzalweni uncike ekutheni sisuke sesinabele kangakanani egazini lakho nokuthi hlobo luni lwemishanguzo okusuke kudingeka ukuthi uyisebenzise ngaleso sikhathi. 

Ukuhlinzwa:

I-cone biopsy ne-tranchelectomy ngezinye zezinhlobo ezisemqoka zokuhlinzwa ezivame ukusetshenziswa uma kusheshe kwatholakala ukuthi unalesi sifo. Lezi zinhlelo zisiza ngokuthi kukhishwe izinhlayiya ezisuke zingadingeki emzimbeni wakho, kube futhi kubekwe eqhulwini ukuvikela isibeletho. Nokho nakuba abesifazane abaningi besengakwazi ukukhulelwa emva kwalolu hlelo kepha basuke sebesengcupheni yokuphuphunyelwa yizisu uma bekhulelwa, basale kungakabi yisikhathi esifanele noma kuhlale kudingeka ukuthi bahlinzwe uma bebeletha.

Kwesinye isikhathi kuyenzeka kudingeke ukuthi kwenziwe uhlelo lwe-hysterectomy, okuwukuthi kukhishwe isibeletho uma kunesidingo, okusho ukuthi ngeke usakwazi ukuphinde uzale. Uma kukhishwe amaqanda esibeletho sakho, kungenzeka ukuthi usheshe ufike esigabeni se-menopause nokuthi ungabe usakwazi ukukhiqiza amaqanda okusiza ukuthi ukwazi ukwamukela imbewu yowesilisa ngendlela yokuthi ukwazi ukukhulelwa. 

Radiation ne-Chemotherapy:

- I-radiation therapy wolunye futhi uhlelo olungathikameza isibeletho sakho nokunye, okunganciphisa amathuba okukhulelwa ngisho isibeletho sakho singakhishwanga.

- I-chemotherapy nayo futhi iba nomthelela omubi kuma-ovary akho okungenza ukuthi usheshe ufike esigabeni se-menopause.

Ngenxa yalezi zimo, odokotela bahlale bekhuthaza ukuthi kubhekwe ezinye zezindlela ezingasiza ukugcina inzalo yakho ngaphambi kokuqala ukusebenzisa imishanguzo ethile.

Nazi ezinye zezindlela ongazenza ukuvikela inzalo yakho: 

- Kungaba wukuthi ugcine amaqanda akho evikelekile phecelezi i-crypreservation ukusiza ukuthi ungabi nankinga uma usufuna ukukhulelwa.

- Okunye wukuthi wenze i-ovarian tissue freezing, okuyinto evame ukwenziwa ngezimo eziphuthumayo, lapho ingxenye yama-ovary ikhishwa, bese igcinelwa isikhathi esizayo kodwa nakuba lolu hlelo lukhona kepha lwenziwa ezikhungweni ezithile ezimbalwa kuphela. 

Okunye futhi okungasiza wukuthi laba abangeke besakwazi ukukhulelwa emva kokwelashwa, benze uhlelo lwe-adoption ngokuthi balandele imithetho nemigomo yokukhulisa ingane yomuntu omunye kube ngeyakho.