Impilo Yabantu Ezempilo

Isexwayiso kubazali ngobungozi be-TikTok ezinganeni

Simangaliso Ntshangase|Published

Izinkundla zokuxhumana

Image: Pixabay

UCWANINGO olusanda kwenziwa ngabe-Sapien Labs ne-Global Mind Project luthole ukuthi ukushesha kwengane ukuba neselula esebenzisa i-internet nekwazi ukuba nezinkundla zokuxhumana ezahlukene, kuyibeka engcupheni yokuthi iphazamiseke emqondweni ekukhuleni kwayo ngenxa yezizathu ezahlukene zalokho.

Yingaleso sizathu isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sexwayise abazali ukuthi baqaphele indlela nesikhathi abavumela izingane zabo ukuthi zibe nomakhalekhukhwini balolu hlobo, kanjalo nendlela abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ngayo, ikakhulu i-TikTok.

Ocwaningweni lwe-Sapein ne-Global Mind Project kuvele nokuthi indlela lezi zinkundla zokuxhumana eziyingozi ngayo kungenza nokuthi umntwana ahlale ethikamezekile emoyeni, abe nolaka ngisho kungenasidingo, kungenza nokuthi abanye baze babe nemicabango yokuzibulala, ikakhulu abesifazane abasebasha.

"Izinkundla azinankinga uma zisetshenziswa ngendlela efanele kodwa inkinga enkulu iqala uma umuntu esezisebenzisa ngokweqile nangokungenamkhawulo njengoba kugcina kuba nomthelela omubi empilweni yomuntu. Enye yezinkundla zokuxhumana enjalo yi-TikTok, abantu abaningi abacabanga ukuthi yilapho kudanswa noma kujatshulwa kuphela, kanti akunjalo. Kuningi okwenzeka lapha futhi kwenza ukuthi izingane nabantu abasha baxhumane nabantu abehlukene futhi bakwazi ukuveza noma yini engaphakthi kubona, yingakho kusemqoka ukuqonda ubuhle nobubi bakho konke lokho," kusho uHewlett. 

Kungani abantu abasha bethanda i-TikTok?

Imfihlo kaTikTok wukuthi iqinisa kakhulu kokubizwa ngokuthi ama-algorigthm, okuwubuchwepheshe bokukwazi ukubheka nokuthola ukuthi abantu abawusebenzisayo bathanda ini, bese inikezela noma ibavezele kakhulu lezo zinto abazithandayo ukubadobela ukuthi bangabe besakwazi ukuphuma kalula kuwona uma beke bangena. Lokho kwenza ukuthi izingane zibone sengathi yindawo ezikwazi ukukhululeka kahle kuyona, zingaboni ukuthi ukusebenzisa isikhathi eside kuwona kuzokwenza zibone noma zize zijwayele nezinto ezingaba nobungozi kuzona. 

Nazi ezinye izinto ezenza i-TikTok ube yingozi;

  1. Ukugqilazeka emqondweni: Izethulo ezahlukene zongoti bezempilo zifakazela ukuthi ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngokweqile kudala ukugqilazeka emqondweni ebantwini abasha. Ukwenza isibonelo nje, kunocwaningo lwanyakenye olwaveza ukuthi izigameko ezahlukene zokugqilazeka emqodnweni, ezokungakwazi ukulala ngokwanele nokungabi nakuthula emoyeni kwakungenxa yazo belu izinkundla zokuxhumana. U-TikTok wenza lokho ngokunikezela ngolwazi oluningi oluyingozi kubalwa nama-video enza kube sengathi izinto eziyingozi azinankinga, kokunye inikezele nangezindlela namasu angafanele okubhekana nezinkinga noma izimo ezithile okusuke kungahambi kahle empilweni yakho.
  2. Ukungakwazi ukulala ngokwanele: Abantu abaningi abasha basebenzisa u-TikTok andukuba bayolala, okwenza ukuthi nangesikhathi lapho umuntu sekumele alale abe nenkinga yokuqwasha ngoba umqondo wakhe usuke ulokhu ucabangana nezinto azibone noma wazizwa ku-TikTok, okwenza ukuthi alokhu ebuyela khona ukubheka okunye okunjalo.
  3. Ukuziqhathanisa nabanye abantu: U-TikTok yinkundla yokuxhumana eveza kakhulu ama-video nezithombe, okunye kwakho okubandakanya izindlela nezinto abantu abezenzayo ngoba befuna ukubonakala bebahle emehlweni abanye ngakho konke lokho kungenza ukuthi umntwana obuka lezo zinto abe nengcindezi yokufuna ukufana nalabo bantu.
  4. Ingcindezi nobubhoklolo: Izingane ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana ngokweqile zisengcupheni yokubhekana nenkinga yobubhokolo, wukugxekwa okungakhi nokuba sengcindezini yokwenza izinto ngendlela ethile ngoba zifuna ukujabulisa abantu. Ingcindezi yokufuna ukuthi abantu bathande izithombe nama-video ezizifakayo kungenza igcine yenza izinto ezingahambisani nezimiso nendlela ephila ngayo. 

Yikuphi umzali okumele akwenze ngalokhu?

- Xoxa nomntwana wakho: Hlala phansi nomntwana wakho, nibhunge ngezinto azibona ezinkundleni zokuxhumana, umbuze ukuthi ukhonze ukubuka ini kulezi zinkundla, ukuthi bacabanga ini ngezinto azibona khona ukwenza akhululeke ukubhoboka ngezinto ezinjalo.

- Lawula indlela umntwana wakho asebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana: Yiba khona ukuqinisekisa ukuthi akamoshi isikhathi esiningi egqolozele omakhalekhukhwini, ikakhulu uma sekuyisikhathi sokulala. Mkhuthaze ukuhlaba ikhefu kulezi zinto, abhekane nezinye izinto azikhonzile nangakhona ukuzenza empilweni ngale kwamakhalekhukhwini.

- Mfundise ukucabanga ajule: Mchazele ukuthi ama-algorithm asebenza kanjani, wenze abone ukubaluleka kokucabanga ajule ngezinto ezahlukene abazibona kulezi zinkundla zokuxhumana futhi umfundise umehluko phakathi kwento yangempela nomdlalo.

- Qaphela ukushintsha kwendlela enza izinto ngayo: Qaphela izinguquko ezingaba khona zokushintsha kwendlela abenza ngayo; ukungalali ngokwanele, ukushisekela ukunconywa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana njalo njalo. Lokho kungaba wuphawu lwenkinga.