Impilo Yabantu Ezempilo

Iqiniso namampunge ngokumele ukwenze ukunakekela amehlo

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bezempilo bacebisa ngamasu nezindlela ezigunyazwe ngabezempilo zokunakekela amehlo

Image: SITHUNYELWE

WAKE wezwa kuthiwa ukuhlala eduze kwethelevishini uma uyibuka kulimaza amehlo, nokuthi u-carrot uyasiza ukuthi amehlo akho abone kahle? Izeluleko ezinjalo nezinkoleloze, ezinye zazo eseziphelelwe yisikhathi nezingelona iqiniso zokuthi amehlo anakekelewa kanjani kusanomthelela ekutheni abantu bawanakekele kanjani amehlo abo nsuku zonke.

Sisho njalo isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett ecebisa futhi exwayisa abantu ngokumele bakwenze nokumele bakugweme ukuqinisekisa ukuthi banakekela amehlo abo ngendlela efanele nengenabungozi kubona.

"Ukubona kahle emehlweni kumqoka ukuze uphile kahle kodwa baningi abantu abaphoseka esiweni ngokulandela imiyalelo engelona iqiniso yokuthi bawanakekele kanjani amehlo abo, yingakho kumqoka ukwazi nokulandela imiyalelo egunyazwe ngabezempilo ukusiza ukuthi unakekele amehlo akho ngendlela efanele," kucebisa uHewlett.

Nakhu okunye okuyiqiniso nokungamampunge ngezindlela zokunakekela amehlo:

  1. Ukuthi ukufunda into ethile endaweni engakhanyi kahle kulimaza amehlo akho: Nakuba ukufunda usendaweni enjalo kugqilaza amehlo akho futhi kwenza ukuthi akhathale kalula, kodwa akwenzi ukuthi alimale noma ukuthi angabe esabona kahle.
  2. Ukuthi u-carrot wenza ubone kahle: Wona unezithako zezempilo, okuthi uma sewuwudlile, zifike emzimbeni wakho zibe wu-Vitamin A, omqoka kakhulu ukulekelela uma uhamba ebumnyameni. Nokho lokho akusho ukuthi sekuyiwona kuphela owenza ukuthi ubone kahle nangendlela efanele emehlweni akho ngoba nakhu udla wona.
  3. Ukuthi ukufaka izibuko kwenza amehlo abe ntekenteke: Izibuko azikwenzi lokho emehlweni, kodwa kunalokho zenza ukuthi ubone kahle. Okonakala emehlweni akho ngaleso sikhathi kungaba ngenxa yokuthi usumdala, noma ezinye izizathu zezempilo.
  4. Ukuthi ukugqolozela i-screen kulimaza amehlo unomphelo: Ukugqolozela i-screen okungaba esikamakhalekhukhwini noma esethelevishini kungenza ukuthi amehlo akhathale, kodwa akuwalimazi unomphelo. 
  5. Ukuthi udinga i-eye test kuphela uma unenkinga yokubona kuphela: Kuwukudukisa abantu lokho futhi kungenza ukuthi inkinga esemehlweni akho uyibone isibhebhetheke kakhulu, ngakho kumqoka ukuhlale unakekela amehlo akho ukusiza ahlale esesimweni esihle.

Amanye amathiphu okusiza ukunakekela amehlo akho:

- Hlola amehlo akho ngokuphelele phecelezi i-eye exam okungenani kanye ngonyaka.

- Gqoka izibuko zamehlo uma ilanga likhipha umkhovu entsheni nenhlanzi emanzini.

- Phumuza amehlo akho ekugqolozeni i-screen okungaba nesethelevishini nomakhalekhukhwini.

- Geza izandla zakho ngaphambi kokuthinta noma ukucikica amehlo akho.

- Gcina izibuko zakho zihlanzekile ukuze uhlale ubona kahle.

- Yidla ukudla okunempilo nokugabe ngezithako ze-omega-3, antioxidants no-vitamin A.