ONGOTI bezempilo baxwayisa ngesifo esidala utwayi emzimbeni ama-shingle
Image: SITHUNYELWE
ABANTU abaningi bacabanga ukuthi utwayi olwenza ukuthi umuntu abe namabala okwenza alunywe emzimbeni phecelezi ama-shingle yinto yabantu asebekhulile kuphela, kanti akunjalo njengoba nabasha abaneminyaka eko-20, 30, naku-40 besengozini yokuphathwa yilesi sifo.
Sisho njalo isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett sicebisa futhi sixwayisa abantu ngengozi yalesi sifo - sithe isikhathi esiningi sidalwa wukugqilazeka kwengqondo, wukungalali ngokwanele, wukuba nomfutho ophansi wegazi noma kube wukuthi kukhona umuntu owake waphathwa yi-chickenpox emndenini wakho.
Ayini wona ama-shingle?
Yisifo esidalwa wukuvuseleleka kwe-varicella-zoster egazini, igciwane okuyilona futhi elenza ukuthi uphathwe yisifo sotwayi esijwayelekile i-chickenpox. Uma ususimeme ukade uphethwe yi-chickenpox, leli gciwane aliphumi emzimbeni, kunalokho liyacasha ngaphakathi, bese libuya ngokuhamba kwesikhathi selizodala ama-shingle.
Uma usuphethwe yilesi sifo kuba buhlungu esikhunjeni, ube notwayi ulunywe ngendlela engabekezeleleki, ikakhulu ebusweni nakwesingenhla emzimben. Nakuba lesi sifo singathathelani njenge-chickenpox, kodwa igciwane elisikhandayo lingatheleleka komunye umuntu ongakaze aphathwe yi-chickenpox, kwenze ukuthi umphathe okokuqala.
Abantu abasebasha siyabaphatha yini lesi sifo?
- Nakuba ama-shingle evame ukuphatha abantu asebekhulile, kepha futhi zilokhu zande njalo izigameko zabantu abasebasha ikakhulu abasuke bebuthaka emzimbeni noma benezinto ezenza ukuthi umzimba nomqondo kucindezeleke.
Ezinye izimo ezingakubeka engcupheni yokuphathwa yilesi sifo:
- Wukugqilazeka emqondweni nokungakhululeki emoyeni wakho.
- Wukungalali ngendlela efanele neyanele.
- Wukungadli ukudla okunempilo ngendlela efanele.
- Wukuba negciwane lesandulela ngculazi.
- Yimishanguzo yesifo somdlavuza owehlukene.
-Yimishanguzo eyizikhuthazi emzimbeni.
Ucwaningo lwe-U.S Centre for Disease Control and Prevention lwaveza ukuthi umuntu oyedwa kwabathathu uzophathwa yilesi sifo empilweni yakhe. Lwathi nakuba neminyaka iba nomthelela ekutheni sikuphathe, kepha indlela umuntu nomuntu aphila ngayo iba nomthelela omkhulu ekutheni simphathe noma singamphathi.
Nazi ezinye zezimpawu okumele uziqaphele:
- Wukuzwa ubuhlungu, uzwele ukushisa futhi ulunywe ezingxenyeni ezithile zomzimba, kwenzeke kakhulu nangokuvamile endaweni eyodwa.
- Wukuhlala ukhathele ngisho ungenzanga lutho olutheni.
- Yizimpawu zokungenwa wumkhuhlane.
- Wukuphathwa yikhanda elingafuni ukunqamuka.
"Abantu abaningi abasebasha bavame ukuzishaya indiva izimpawu zalesi sifo ngoba becabanga ukuthi ngeke sibahaqe bona. Enye yezinto eziyingozi leyo ngoba yenza ukuthi ngesikhathi usuzama ukusisukumela kube wukuthi umonakalo usumkhulu kakhulu, yingakho kumqoka ukusukuma ngokushesha uma kukhona ongakuboni kahle emzimbeni wakho," kucebisa uHewlett.